IMIPHUMELA yemidlalo ezayo yeChippa United iyona ezocacisa ngekusasa likaClinton Larsen kuleli qembu elizinze eBhayi nelidume ngokupheka lithulula abaqeqeshi.
ULarsen ongumqeqeshi wesine ukuqeqesha iChilli Boys uveze lokhu ngemuva kokushaya AmaZulu FC ngo 1-0 emdlalweni we-Absa Premiership eKing Zwelithini Stadium, eMlaza, ngoMgqibelo ebusuku. Igoli elibanikeze amaphuzu amathathu lishaywe ngu-Andile Mbenyane esiwombeni sokuqala.
EzikaLarsen zifike emdlalweni ziwadinga njengemali amaphuzu ngemuva kokuthi iMaritzburg United, esemsileni kwi-log, izame ukunciphisa igebe inqoba owayo umdlalo ngoLwesihlanu.
IChippa isendaweni yesine ukusuka emsileni lapho ilingana neBaroka neFree State Stars ngamaphuzu awu-24, kuthi iMaritzburg ibambe amabhuleki ngamaphuzu awu-20.
ULarsen obekhuluma ngokuzethemba nabezindaba, uthe uma bengabamba lesi sigqi sokuwina nakanjani bazolivika izembe. IChilli Boys ibize emdlalweni ishayela phezulu ngemuva kokungena kowandulela owamanqamu kwiNedbank Cup kulandela ukuwashisa ijezi iBidvest Wits.
Enkulumeni yakhe uveze ukuthi usebheke kuqale isizini entsha lapho ezokwazi ukuhlanganisa iqembu ngendlela afisa ngayo. Yilapho okuvele indaba yenkontileka yakhe.
“Akusikhona ukuthi izolulwa inkontileka yami noma cha. Kulele kimina ukuthi ngiyasayina noma cha. Ikhona inkontileka etafuleni. Ngenze okufanayo kwiGolden Arrows ngasayina izinyanga eziyisithupha ngoba ngifuna ukubona ukuthi umphathi uwuhlobo luni nokuthi iqembu lisebenza kanjani? Uma sengigculisekile ngayayelula. Nalapha ngicabanga ukuthi sizokhuluma emasontweni amabili ezayo. Uma singanqoba umdlalo owodwa sidlale ngokulingana noma emibili emidlalweni ezayo sizobe sesiphephile (ezembeni). Sizobe sesingahlala phansi ngisayine. Okwamanje sifuna ukuqinisekisa ukuthi iqembu liphephile ngaphambi kobheka ikusasa. Kodwa sengike ngamtshela (uSihlalo uSiviwe Mpengesi) ukuthi ngijabule ngokwesekwa engikutholayo kanti nabadlali bangamukele kahle konke kubukeka kuhamba kahle,” kusho uLarsen. Uthe njengamanje awusekho umdlalo olula ikakhulukazi emaqenjini avika izembe.
“Le mpi izoliwa kuze kube sekugcineni. Ingakho kusemqoka ukuthi nasemdlalweni ozayo sifake umfutho ofanayo ukuze sibuye nomphumela omuhle. Uma siwina noma sidlala ngokulingana, sizokhuphuka kule ndawo embi. Ayisekho imidlalo elula manje njengoba sibonile kwiBaroka neKaizer Chiefs nasemdlalweni weMaritzburg,” kusho uLarsen.