UKUCIJWA ngokuphelele kwabaqeqeshi abasebenza emazingeni aphansi kuzosiza ekukhiqizeni abadlali abazodlondlobalisa iBafana Bafana ebholeni lomhlaba.
Lona ngumbono womqeqeshi weqembu lesizwe lika-Under 20, uThabo Senong, osanda kudla umhlanganise kwiCosafa Under Youth Championship ebiseKitwe, eZambia.
Lo mqeqeshi futhi oyiphini likaStuart Baxter kwiBafana Bafana ubekhuluma kunezifundo zeziqu iD Licence zabaqeqeshi abaqeqesha kwiSAB League ebeziseHigh Perfomance Centre, ePitoli.
“Uma ubuka amanye amazwe njengeSpain, England, Germany neBrazil isizathu sokuphumelela kwawo wukuba khona kwamaqembu esizwe amancane aqinile nezinhlaka eziqinile nokuqeqeshwa kwabaqeqeshi okuyinto esiyenzayo manje. Ukuqinisa umnyango wokufundisa abaqeqeshi nokwenza isiqiniseko sokuthi amaqembu esizwe amancane ayaqhubeka nokwenza kahle uma ebhekene naphezulu ezwenikazi nasemhlabeni, kuyibeka ethubeni lokuqhakaza iBafana Bafana,” kusho uSenong.
“Anginakho ukungabaza ukuthi sisemgudwini ofanele uma ubuka ukufundiswa kwabaqeqeshi bethu okuyikhona okuhamba phambili e-Afrika. Buka abaqeqeshi esibakhiqizayo okukhona kubona uManqoba Mngqithi, Pitso Mosimane, Steve Komphela, Ian Palmer, Clinton Larsen noCavin Johnson. Sikhiqiza abaqeqeshi abasezingeni futhi namaqembu esizwe amancane asehlala ekhona emiqhudelwaneni yeCaf neyeFifa,” kusho uSenong.
“Kufanele sikholelwe kwesikwenzayo. ISpain yawina iNdebe yoMhlaba emuva kweminyaka ebalelwa ku-100. Ngokubambisana nokusebenza kanzima, likhona ithuba lokuthi iNingizimu Afrika ingabuyela endaweni yayo ebholeni lomhlaba.”
Izolo ubhekise amabombo eNetherlands lapho eyokwenza izifundo ezithe thuthu zokuqeqesha ngaphansi kweJohan Cruyff Institute.
Izifundo ezizoqala kusasa, zehlukaniswe izigaba ezintathu onyakeni.
Isigaba sokuqala sikule nyanga ephezulu, esesibili sizokuba ngoJuni bese esokugcina sibe ngoSepthemba nonyaka.
Inhlangano eyengamele ibhola kuleli, iSouth African Football Association izibekele umgomo wokukhiqiza abaqeqeshi abangaphezu kuka-10 000 abazosiza ekuthuthukiseni ibhola eMzansi.
Lo mqeqeshi uthe ujabule kakhulu ngokuthola ithuba elifana naleli ngoba izifundo ayozethamela zihlanganisa izinto eziningi, okuwukuthuthukiswa komdlali, ukuba ngumholi nokuthi abadlali baphathwa kanjani uma uyimenenja yabo (umqeqeshi).
“Akuzothi ngoba nakhu sengiyayikazela imiyezane yeziqu eziphakeme bese ngikhohlwa yinto engiyikhonze kakhulu, ukusebenza nabadlali abasakhula,” kusho uSenong.
Ugcizelele wathi ukholwa wukuthi lezi ziqu sizomnika izimpiko kwazise usengakwazi ukuthi afune umsebenzi kulona lonke izwekazi i-Afrika ngokunjalo nase-Europe.