MASILO MACHAKA
ISILOMO somlandeli weKaizer Chiefs, uMasilo Machaka, sibalisa ngokwenziwa inhlekisa abaphathi beqembu laso okudalwa ukungena ezintangeni ngemininingwane egcwele ngokuthi uyena muphi umqeqeshi ozoshayela umkhumbi weqembu kule sizini ezoqala.

Sekuphele izinyanga ezintathu iChiefs ‘iphoqe’ uSteve Komphela ukuba asuke esihlalweni kodwa kuze kube yimanje leli qembu laseNaturena lisabamba liyayeka uma libuzwa ngozothatha indawo kaKomphela (oseqashwe yiBloemfontein Celtic).

Ngokusho kukaMachaka othi uwa evuka neqembu, kufanele ngabe abaphathi sebephumele obala uma benenkinga yokuthola umqeqeshi ozongena endaweni kaKomphela.

“Kunzima kithina ngoba abalandeli babuza kithina. Uma sibatshela ukuthi nathi sisebumnyameni basibuka kabi. Kubona singabantu ababi abazi konke kodwa siyafihla. Ngaphandle kwalokhu sesiphenduke inhlekisa nakwamanye amaqembu esiyizimbangi nawo. Wonke amaqembu asenabo abaqeqeshi futhi aseqalile amalungiselelo esizini kodwa thina kuthule nje,” usho kanje uMachaka ekugcizelela ukuthi akalilahlile ithemba ngabaphathi beChiefs.

IChiefs ingelinye lamaqembu ahamba wodwa ngokuhleleka kwiPremier Soccer League (PSL) kodwa kuze kube yimanje iyehluleka okungenani ukutshela abalandeli bayo iqiniso uma kunenkinga kulaba baqeqeshi ebafunayo.

“Inkinga enkulu indlela okuthuleke ngayo. Kufanele ngabe usekhona umqeqeshi manje. Uma kunenkinga kufanele iChiefs ize kithina isazise ngokwenzakayo. Kubuhlungu kabi ukuthola izindaba zeChiefs ngesikhathi esifanayo nabo bonke laba esiyizimbangi nabo. Mhlawumbe uBobby (Motaung) noyise bayazi ukuthi benzani kodwa-ke kubuhlungu kithina ukuba sebumnyameni ngale ndlela ekubeni behlale besitshela ukuthi siyingxenye yeqembu ebaluleke cishe kunazo zonke,” kuqhuba uMachaka.

Njengamanje iChiefs ilungiselela umdlalo wobungani (Shell Helix Cup) neMamelodi Sundowns ngoJulayi 21 kodwa akwaziwa ukuthi ubani umqeqeshi wayo.

“Siyazi ukuthi ibhizinisi lomndeni leli kodwa nathi besazi ukuthi siwumndeni waMakhosi. Basithembise ezinkulu izinguquko kule sizini kodwa sisabone uKhama (Billiat) kuphela. Iyaxaka impela le ndlela okwenziwa ngayo kule sizini. UBilliat ngeke ashintshe izinto yedwa kepha kusemqoka ukuvala izikhala zabadlali abayisishiyagalolunye abachithwe yiqembu emasontweni edlule. Indlela abathule ngayo ihlaba iphukele ezinhliziyweni zethu ngoba siyalithanda iqembu. Yini ebavimba ukuthi bazehlise bacele uBra Shakes (Ephraim 'Shakes' Mashaba) ukuthi abasize?” kubuza uMachaka.