IKAIZER Chiefs isikuqinisekisile ukuthi isibhalele incwadi iBloemfontein Celtic iyicela ukuthi idedele uLorenzo Gordinho, ongumdlali wasemuva, ngokushesha.
UGordinho ubolekiswe kwiSiwelele samaSokolara ngoJanuwari, kanti ngokwesivumelwano bekufanele ahlale khona kuze kuphele unyaka.
Njengamanje iChiefs ibukeka inezinkinga emuva njengoba isidedele amagoli amahlanu emdlalweni emine. Kube oweMTN 8 kuphela lapho ikwaze ukuwina ngo 3-0 yangadedela lutho.
Chiefs ask Celtic to release Gordinho
Football Manager Bobby Motaung confirms that Kaizer Chiefs have sent a letter to Bloemfontein Celtic requesting for Lorenzo Gordinho’s early release from his loan spell with the club. https://t.co/ektYRGBARu #HailTheChief #Amakhosi4Life pic.twitter.com/11sK3MUu4Q
— Kaizer Chiefs (@KaizerChiefs) August 16, 2018
IKaizer Chiefs iqhube yadalula nokuthi isezinhlelweni zokusayinisa omunye umdlali wasemuva, uGodfrey Walusimbi, yathi inethemba lokuthi izingxoxo phakathi kweqembu lakhe nemenenja yeqembu uBobby Motaung zizophothulwa maduze. Football Manager, Bobby Motaung has confirmed that Kaizer Chiefs and the Kenyan club Gor Mahia are in talks to sign the Ugandan defender Godfrey Walusimbi.
“The two clubs are in discussions and we hope to finalise the matter in the next few days.” #HailTheChief #Amakhosi4Life pic.twitter.com/doATSpQg01
— Kaizer Chiefs (@KaizerChiefs) August 16, 2018