I-SUPERSPORT United ichithe iKaizer Chiefs ebigaqele ngabomvu umgadli wayo, u-Evans Rusike.
URusike nomqeqeshi okunguyena ocija iChiefs njengamanje, u-Ernst Middendorp, bake basebenza ndawonye kwiMaritzburg United.
Lo mqeqeshi waseGermany ufuna ukuletha lo mgadli eNaturena nje. bake baba nezikhathi ezinhle neqembu laseKZN kumasizini edlule.
Isikhulu esiphezulu kwiSuperSport, uStanley Matthews, sikuqinisekisile ukuthi iChiefs ibimfuna uRusike.
“Yebo, iChiefs ibimfuna uRusike kodwa sangavuma naye. Akekho umdlali wethu waphambili esifuna ukumdayisa. Sifuna ukuthenga abagadli,” kusho uMatthews engxoxweni ne-Independent Media.
Amakhosi aqinise iqembu lawo ngokusayinisa uSamir Nurkovic, John Koeti, Lazarus Nkambole noByron Baccus.
Njengoba iSuperSport inqabe ukudayisela iChiefs uRusike, isililahlile ithemba ngokuthola uLucky Mohomi no-Aubrey Ngoba abasemabhukwini eMamelodi Sundowns.
“Ngeke sikwazi ukuba sesimeni lapho sizozithola sibanjwe ngobhongwane ngo-Aubrey Modiba. U-Aubrey akadayisi kanjalo noTeboho Mokoena. Ngenxa yalokho sesilahle ithemba ngokuthola uNgoma noMohomi ngoba iSundowns ayizimisele ukunginika labo badlali. Sizosayinisa abadlali ababili ngaphambi kokuthi kuvalwe iwindi lokushintshana ngabadlali,” kusho uMatthews.
ISundownsbeyifuna uModiba asayine kuyona bese yona iboleka iSuperSport uNgoma noMohomi.
ISuperSport iqinise isikwati sayo ngoThamsanqa Gabuza noKudakwashe Mahachi. Kusasa iSuperSport izobhekana ne-Orlando Pirates emdlalweni we-Absa Premeirship eMbombela Stadium ngo-7.30 ebusuku. Emdlalweni wokuvula isizini iSuperSport ishaywe yiSundowns ngo 2-0. I-Pirates yona ishaye iBloemfontein Celtic ngo 3-1 kowayo umdlalo wokuvula isizini ka-2019/2020.