Golden Arrows (0) 0
Mamelodi Sundowns (1) 1
IQHUBEKILE iMamelodi Sundowns nokuqinisa indawo yayo njengeqembu okubhekwe ukuba lidle isicoco seligi ngokunqoba ekuhambeni kwiLamontville Golden Arrows emdlalweni oshube zisuka ngaphansi kwe-Absa Premiership izolo ntambama, ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu.
Nakuba i-Arrows ikhombise zisuka ukuthi ngeke ihlale emuva kodwa kube yizivakashi ezivule inkundla ngegoli eliqhamuke noBangaly Soumahoro umdlalo unemizuzu emihlanu kushaywa ikhona. Leli goli lingena nje, i-Arrows iyona ebikade ikhombisa izimpawu zokulambela igoli.
Nangemuva kwaleli goli abafana bakaClinton Larsen bebengazibekile phansi becindezela iSundowns ngejubane ikakhulukazi ezimpondweni lapho bekuqhamuka ngakhona uLerato Lamola oqale lo mdlalo esizana noKnox Mutizwa.
Okusheshe kwacaca ngeSundowns wukuthi ibingabaniki ithuba lokuhlanganisa amaphasi maphakathi nenkundla uNkanyiso Cele noVelemseni Ndwandwe okuyibona abaqale maphakathi nenkundla kuBafana Bes’thende. Lokhu kuvala kweSundowns isisu kukhombisile ngoba amabhola obekufanele engabe abenikwa oLamola noMutizwa bekumele baqale bawalwele ukuze bawenze awabo.
Yize uPercy Tau ebeyisiphekepheke njengenjwayelo esiwombeni sokuqala kodwa uLimbikani Mzava ubeshade naye. Ziye ekhefini i-Arrows isiwashayile amagoli amabili kodwa aphikwa nge-offside nelinye okungacacanga noma liweqile umugqa.
Ngokubona ukuthi ilanga liyashona izinto azihlangani uLarsen usukumise uThomas Chideu noNduduzo Sibiya abafake ezindaweni zikaSiphelele Magubane noLamola. Lokhu ukwenza nje vele umdlalo ushubile kodwa laba badlali abakhiphile bese bevele bekhombisa izimpawu zokukhathala. Yize bekuyi-Arrows eyenze izinguquko iSundowns ibilokhu ibakhumbuza njalo abafana bakaLarsen ngobungozi bayo uma iphaselana iya phambili.
Kwesinye isikhathi izinqumo zikaVictor Gomes bezikhalisa kwabe-Arrows njengalapho eqome khona ukubhala uKudakwashe Mahachi emsola ngokuziwisa kodwa kubukeka sengathi udlaliswe kabi ebhokisini. Ibisilifuna ngenkani i-Arrows elokulinganisa ngalesi sikhathi.
Ukuwina kweSundowns kuyibeke esicongweni kanti i-Arrows ilokhu yehlile kwi-log. Komunye umdlalo wayizolo iBloemfontein Celtic ibhudluze iFree State Stars ngo 3-0.
Imiphumela ye-Absa Premiership:
Golden Arrows 0-1 Mamelodi Sundowns; Bloemfontein Celtic 3-0 Free State Stars; Maritzburg United 3-0 Baroka; SuperSport United 1-1 Cape Town City; Polokwane City 1-1 Bidvest Wits; Platinum Stars 0-1 Kaizer Chiefs; Orlando Pirates 1-1 AmaZulu; Ajax Cape Town 1-0 Chippa United