IMAMELODI Sundowns ijabulela elinye lamagoli koweStellenbosch FC ngeSonto.
Image: BACKPAGEPIX
Mamelodi Sundowns (3) 0
Stellenbosch FC (0) 0
KUYEFANA nokuthi i-Orlando Pirates ife kabili kule mpelasonto ngenxa yomphumela ewuthole kowamanqamu weNedbank Cup nobuye neMamelodi Sundowns emdlalweni weBetway Premiership lapho inenebule khona iStellenbosch FC ngeSonto eLucas Moripe Stadium, e-Atteridgeville.
Ukunqoba kweSundowns ngamagoli kaLucas Ribeiro, Arthur Sales no-Iqraam Rayners kuyibeke emaphuzwini angu-67 kwi-log ekubeni isasalelwe yimidlalo emibili ngaphambi kokusonga ngesicoco sehlandla lesishiyagalombili kulandelana.
Amaphuzu angu-67 yiwona okusengafika kuwona iPirates elele isibili kwi-log njengoba yona isasalelwe yimidlalo emihlanu ngaphambi kokuqeda ngale sizini.
Ngisho iPirates ingafika kulo-67, kusafanele imincele ukuthi iSundowns ihlulwe kweyayo emibili esele kule sizini ezoyidlala neChippa United neMagesi FC ekuhambeni nasekhaya ngokwahlukana.
Uma kwenzeka lokhu, kusazodingeka nokuthi iPirates ishaye amagoli angu-28 kule midlalo emihlanu eyisalele kule sizini, ikhulekele ukuthi iSundowns ingabe isalishaya igoli kule sizini.
Lo mphumela kufanele ukuba umphefumulisa kangcono umqeqeshi weSundowns, uMiguel Cardoso, ngaphambi kokuqala amalungiselelo omdlalo wamanqamu weCaf Champions League abazowudlala nePyramids FC yase-Egypt. Owomlenze wokuqala uzoba sePotoli ngoMeyi 24, owesibili uzodlalelwa eCairo ngoJuni 1.