SEZIJWAYELEKILE izithombe ezifana nalezi emidlalweni yeMamelodi Sundowns kodwa ukusefelwa imidlalo yeligi kukhomba ukuthi kuyoze kucace ngoMeyi ukuthi ngabe iyasiphinda ngempela yini isicoco seligi Isithombe: BACKPAGEPIX
PHEZU kokuba igqashule yodwa phambili kusaqala isizini kodwa kubukeka kuzoze kushaye uMeyi, iMamelodi Sundowns ingakaqedi ngesicoco seDStv Premiership.
Isizini isongwa ngoMeyi 21 kanti iSundowns ivala nomakoti, iRoyal AM, okungenwe kule mpelasonto beyilandela ngemuva endaweni yesibili. Yize iRoyal ibalwa namaqembu ashintshana ngokuzibeka ezithendeni zeSundowns kodwa ayisondele nakancane ekuyificeni.
Nakuba kusakhulunywa, kungenxa yesibalo semidlalo esasele ngaphambi kokuthi kusongwe isizini. Mahlanu amaqembu, ngokwesibalo semidlalo, asagabe ngokuthi ebholeni kusakusa hleze asengafika edlule emaphuzwini angu-51 iSundowns, eqale nawo impelasonto.
Lawo maqembu yiRoyal, AmaZulu, Kaizer Chiefs, Orlando Pirates neStellenbosch okungenwe kule mpelasonto kusenenhlansi yokuthi asengafinyelela emaphuzwini angu-51.
IRoyal isengaqeda namaphuzu awu-66 uma izoyinqoba yonke imidlalo ewu-10 eyisalele, kusuka kowanamuhla ntambama lapho izobhekana neSwallows eChatsworth Stadium, eThekwini.
IStellenbosch ehlasela iMarumo Gallants e-Old Peter Mokaba namuhla ntambama, ingaqeda namaphuzu angu-61 uma inqoba ePolokwane.
Izinkunzi - AmaZulu, Chiefs nePirates - zidlalile zonke izolo ntambama.
Okuhlehlisela imibhiyozo yeSundowns kuMeyi, wukuthi iyozi iyibone imidlalo yeligi iyoze ngo-Ephreli 6, isibhekene neSwallows. Omunye umdlalo wamaBrazilian ungo-Ephreli 17, lapho itholana neLamontville Golden Arrows bese isalelwa ngemine ngoMeyi.
Okwango-Ephreli kwiSundowns kuyafana nokukaMashi lapho ebinemidlalo emibili yeligi, yadlala neTS Galaxy eyibhaxabule ngo 3-0 neMaritzburg United obudlalwa izolo ebusuku.
Ifomu yabajaha iSundowns ikhomba ukuthi ngeke besayifica. Okubaqhelisa nakakhulu ekuyificeni, wumlando wesibalo samaphuzu edla ngawo umhlanganiso kusuka ngo-2017/2018 ethathe ngawo isicoco sokuqala kwezine ezilandelanayo.
Ngaleyo sizini iqede inamaphuzu awu-60, ilandelwa yiPirates ngangu-55. Ngo-2018/2019 igiye ngamaphuzu awu-59 ilandelwa yiPirates ngawu-57.
Ngo-2019/2020 ibaleke nawu-59, ilandelwa yPirates ngawu-57 kanti kulokhu ibukeka isethubeni elihle lokudlula kwawu-67 ewawole ngo-2020/2021 ilandelwa ngaMaZulu ngawu-54.