SHUT OUT: Al Ahly

IMAMELODI Sundowns ikhanyisele iBafana Bafana indlela kwi-2019 Africa Cup of Nations (Afcon) incisha umoya izinkunzi zase-Egypt, i-Al Ahly, emlenzeni wesibili we-quarterfinal yeCaf Champions League eBorg El Arab, e-Alexandria, ngoMgqibelo ebusuku.

ISundowns inqobe ngo 5-1 sekuhlanganiswe nomlenze wokuqala evalele kuwo la magoli amahlanu e-Atteridgeville.

Ngokukhipha i-Ahly iSundowns iqede ngamaqembu ase-Egypt kwiChampions League.

Abadlali beSundowns bazoze babuyele e-Egypt nguJuni sebeyodlala i-Afcon neBafana, okumele ikhuthazwe amagalelo amaBrazilians.

Ama semi-final eChampions League azodlalwa ekhaya nasekuhambeni ngo-Ephreli 26 nangoMeyi 3 kanti amanqamu nawo ayimilenze emibili adlalwa ngoMeyi 24 no-30.

ISundowns ikhombise ukuqina ngoMgqibelo kwazise ngisho obengazi ukuthi kwenzekeni emlenzeni wokuqala akumthathanga isikhathi ukuqonda ukuthi yiliphi iqembu elicindezekile.

Lokhu kudalwe yindluzula abadlali be-Ahly abebedlala ngayo ikakhulukazi uma befika kunozinti weSundowns, uDenis Onyango.

Ngomzuzu ka-25 kuke kwabanjwa umoya bemgukluza kabuhlungu nokuyinto abayiphindile ngomzuzu ka-28 ngemuva kokuba kade evimbe ibhola elibi ebeliyodla enethini.

Okwengeze ingcindezi emahlombe abadlali be-Ahly ngaphezu kwenduku yase-Atteridgeville, wukuthi amehlo awele kunobhutshuzwayo wase-Egypt ngoLwesihlanu ebusuku kuqhathwa amazwe azodlala kwi-Afcon.