U-ANDILE Jali okuvela ukuthi iMamelodi Sundowns isimcele ukuthi ehlise imali ayifunayo ukuze imsayinise
IMAMELODI Sundowns ifuna ehlise iholo umdlali weBafana Bafana, u-Andile “Gattuso” Jali ohlela ukubuya kwi-Absa Premiership ngesizini ezayo.

Isolezwe lihabule lezi zindaba ngomthombo walo osondelene noJali. Inkontileka kaJali neKV Oostende iyaphela ngoJuni.

“NgoLwesihlanu olwedlule iSundowns ibe nezingxoxo nemenenja kaJali, uMike Makaab. UMakaab uyitshelile ukuthi uJali udinga malini ngenyanga ukuze asayine kwiSundowns. Okwamanje izinhlangothi zombili azivumelani. ISundowns ikhala ngokuthi uJali ufuna imali enkulu kakhulu. Ifuna ehlise iholo ngoba izimisele ngokumsayinisa,” kusho umthombo othembekile.

UJali ushiye i-Orlando Pirates ngo-2015 wajoyina i-Oostende. Kuleli qembu usefike waphenduka omunye wabadlali abamqoka. Okwamanje akadlali ngenxa yokuthi ulimele.

Amanye amaqembu okuvela ukuthi ayamfuna yiKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates.

“Okwamanje uMakaab usakhulume neSundowns kuphela. Yebo, iChiefs nePirates ike yafona ibuza ngesimo sakhe kodwa hhayi ukuthi sekube kwaba nezingxoxo noMakaab,” kusho umthombo.

ISundowns ibophele uHlompho Kekana, Lucky Mohomi noTiyani Mabunda endaweni edlalwa nguJali.

“Yize uMakaab eke wathi akuqinisekisiwe ukuthi uJali uzobuya kodwa maningi amathuba okuthi uzogcina ebuyile. Unengcindezi emndenini. Inkosikazi yakhe iyamcindeza ukuthi abuye,” kusho umthombo.

UMakaab weProSport International akazange atholakale ukuze aphawule.

UThulani Thuswa, wezokuxhumana kwiSundowns, uthe akanalo ulwazi ngendaba kaJali.

“Uma ethi uyabuya uthe uya kuphi? Mina anginalo ulwazi ngezingxoxo ezike zabakhona phakathi kwethu nemenenja kaJali.”

Ekupheleni kwesizini iSundowns izohlukana noKhama Billiat ofuna ukuyodlala phesheya kwezilwandle. UBilliat unenqwaba yamaqembu afuna ukumsayinisa.