ICHIPPA United isishintshe umqondo ngesitobha uJames Okwuosa obekudingidwa eyokunqamula inkontileka yaso.
Emasontweni adlule iChilli Boys kade ixoxa nabameli baka-Okwuosa ngemali okufanele akhokhelwe yona ukuze kwazise ubexoshwa esenenkontileka naleli qembu.
Lokhu kungenxa yokuthi obengumqeqeshi uDan Malesela ubetshele izikhulu zeChippa ukuthi u-Okwuosa akekho ezinhlelweni zakhe zesizini. U-Okwuosa waseNigeria, ubengekho ngesikhathi iChippa izilungiselela ukuqala kwesizini ka-2018/2019. Nokho ukukhonjwa indlela kukaMalesela kufane nenhlanhla ku-Okwuosa osebuyele ejimini yeqembu.
Izolo isikhulu seChippa, uLukhanyo Mzinzi, uveze ukuthi umqeqeshi omusha u-Eric Tinkler uthe uyamdinga u-Okwuosa.
“Njengoba ubevele esenenkontileka nathi, usebuyile ejimini. Ngenhlanhla ubekade eselapha eBhayi njengoba bekuqhubeka izingxoxo mayelana nokunqanyulwa kwenkontileka. Umqeqeshi uthe uyamdinga, akukho esingakusho ngoba besivele sisamkhokhela. Siyizikhulu asigxambukeli emsebenzini womqeqeshi. Njengoba umqeqeshi osehambile ebekade esitshele ukuthi akekho ezinhlelweni zakhe simlalelile. Namanje njengoba uTinkler ethi yena uyamdinga, kufanele simeseke kulokho.”
U-Okwuosa ujoyine i-Orlando Pirates ngesizini ka-2016/2017 ehambisana nabanye abadlali okukhona nesitobha uMarc van Heerden kodwa izinto zangabahambela kahle. Badlale umdlalo owodwa kweZimnyama ngesikhathi zithelwa ngehlazo lika 6-0 yiMamelodi Sundowns eLoftus Versfeld. U-Okwuosa ubuyele kwiChilli Boys nalapho eseyibambe khona ngaphansi kwabaqeqeshi abahlukene. Ngaphansi kobuholi bukaTinkler, obengakaze awuthole umsebenzi kusukela esule kwiSuperSport United ngesizini edlule, kubhekwe iChippa ehlukile kwazise isitayela sakhe sihlukile kwesikaMalesela. Emdlalweni wakhe wokuqala uTinkler ukhale ngaphansi ngo 2-1 kwiSuperSport kowe-Absa Premiership. Amatsatsantsa asephekwa nguKaitano Tembo obekade eyiphini likaTinkler kuwona ngesizini edlule. IChippa izobuyela enkundleni ngoSepthemba 15 uma isiyamukela iBaroka kowePremiership eSisa Dukashe Stadium.