UPHILANI Zulu weKaizer Chiefs ezama ukudlula kuPhathutshedzo Nange weBlack Leopards emdlalweni we-Absa Premiership eFNB Stadium, eGoli, izolo ebusuku Isithombe: BACKPAGEPIX

Kaizer Chiefs (1) 1
Black Leopards (0) 0


INCIPHISE igebe phakathi kwayo nezimbangi iKaizer Chiefs icosha amaphuzu aphelele ibhekene neBlack Leopards emdlalweni we-Absa Premiership eFNB Stadium, eNasrec, izolo ebusuku.

Igoli leChiefs lishaywe nguWillard Katsande esiwombeni sokuqala. 

Ngokuwina izolo, iChiefs inyukele endaweni yesine kwi-log nokwenza isale ngamaphuzu ayisihlanu kwi-Orlando Pirates ehlezi eqhulwini. 

Nakuba iChiefs ingadlalanga kahle kodwa akubuzwa ukuthi azoba nethemba lokubamba eZimnyama ezibonwa ngabaningi njengeqembu elingase liwine iligi ekupheleni kwesizini ka-2018/2019.

IChiefs igcine ukuwina isicoco seligi ngesizini ka-2014/2015 ngaphansi komqeqeshi uStuart Baxter. 

Lokhu kufaka ingcindezi kumqeqeshi uGiovanni Solinas abalandeli abangazimisele ukumnika ithuba lokuzinza eNaturena. 
Nakuba iChiefs iwinile kodwa uphinde wahlala obala umsebenzi omhlalele ukuze abuyise izinsuku zenjabulo.

Izolo, iChiefs neLeopards kade behlangana okwesibili kule sizini. Emasontweni edlule iChiefs ihlule iLeopards koweTelkom Knockout.
Emdlalweni wayizolo, amaqembu womabili aqale engajahile. Nokho amathuba okushaya amagoli asheshe avela. 

Umdlali weChiefs, u-Andriamirado “Dax” Andrianarimanana, obeqala ukudlala umdlalo kuleli qembu, ushaye ishodi kodwa laqonda kunozinti weLeopards, uKing Ndlovu. ILeopards nayo ifikile ngesikhathi uMwape Musonda edonsa ishodi esebhokisini kodwa unozinti weChiefs, u-Itumeleng Khune, walichitha. 
Nokho sekusele imimzuzu emine kuyiwe ekhefini, uKatsande ungqofele phakathi ikhona kaKhama Billiat.

Esiwombeni sesibili, iChiefs iqhubeke lapho kade igcine khona ihlasela. 

Icishe yashaya igoli lesibili ngesikhathi ibhola ebelikade lingqofwe nguMario Booysen lichithelwa phezu kwepali nguNdlovu sekuvalwe amehlo. 
IChiefs iqhubekile nokuzama ukushaya igoli lesibili kodwa yehluleka ukusebenzisa amathuba. 

ILeopards icishe yalithola elokulinganisa emuva kwesibhudubhudu kodwa wenqaba uKhune. Ukuphindile lokho evimba ifree kick ebikade iyingozi eshaywe ngaphandle kwebhokisi.

Emdlalweni olandelayo iChiefs izodlala neChippa United eMoses Mabhida Stadium bengekho abalandeli. Lona wumdlalo wokugcina wesigwebo sePremier Soccer League (PSL).

Komunye umdlalo wePremiership iMamelodi Sundowns ibhaxabule iFree State Stars ngo 3-1 eLoftus Stadium, ePitoli, izolo ebusuku.