Bidvest Wits (0) 0
Kaizer Chiefs (0) 2
IKAIZER Chiefs yenzele i-Orlando Pirates umsebenzi ihlula iBidvest Wits emdlalweni we-Absa Premiership eBidvest Stadium izolo ebusuku.
Amagoli eChiefs ashaywe nguLeonardo Castro noHendrick Ekstein esiwombeni sesibili.
IWits, ehlezi esicongweni se-log, ingene enkundleni inengcindezi yokubuyisela igebe libe ngamaphuzu amahlanu emuva kokuthi iPirates ilinciphisele kwamabili ihlula iChippa United ngoLwesibili.
IChiefs kade kulindeleke ukuthi icoshe amaphuzu azokwenza inyuke kwi-log yePremiership. Ngokuwina izolo iChiefs inyukele endaweni yesihlanu.
Umqeqeshi weChiefs, u-Ernst Middendorp, wenze izinguquko ezimbili esikimini esiqale umdlalo ngesikhathi Amakhosi ehlulwa yiMamelodi Sundowns ngempelasonto edlule.
Ubuyisele uKgotso Moleko emuva kwesokudla,waqalisa uTeenage Hadebe maphakathi emuva. Ngaphezu kwalokho uMiddendorp ubuyisele unozinti uVirgil Vries obenuka iqaqa kubalandeli beChiefs ngenxa yephutha alenze bebhekene neSundowns eliholele ekutheni ihlulwe umdlalo usuyophela. Nokho lo nozinti udlale kahle izolo.
IWits icishe yathola igoli ngokushesha ngesikhathi uSifiso Hlanti edonsa ishodi ekude kodwa laphuma phezu kwepali ngomzuzu wesine.
IChiefs izamile ukuhlanganisa amaphasi kodwa iWits ikuhlakaza kalula lokho.
IZitshudeni kade zingayivumeli iChiefs iliqale emuva nokuyindlela yokudlala ethandwa nguMiddendorp. IChiefs iphoqile ukudlala ngendlela eyifunayo kodwa yahluleka ukwakha amathuba acacile okushaya amagoli.
Sekusele umzuzu kuyiwe ekhefini, uVries ubambe ishodi likaTerrence Dzvukamanja alidonse engaphandle kwebhokisi. Ziye ekhefini unozinti weWits, uDarren Keet, engavimbanga nelilodwa ibhola ebeliqhamuka kubadlali beChiefs.
Esiwombeni sesibili, iWits ibuye isishintshe kakhulu isingena ngawo wonke amazibuko kodwa ihluleka ukusebenzisa amathuba. Umqeqeshi uGavin Hunt ubuye ekhefini noLehlohonolo Majoro amfake endaweni kaMxolisi Macuphu.
Nokho kube yiChiefs ethole igoli kuqala ngesikhathi uCastro evalela phakathi ibhola ebelikade ligotshwe nguSiphosethu Ntiyantiya kwesokunxele ngomzuzu ka-58. Emuva kwemizuzu emibili Amakhosi acishe athola elinye igoli ngesikhathi uHendrick Ekstein egobela ibhola ebhokisini kodwa lamehlula uLebo Manyama.
Ngomzuzu ka-78 u-Ekstein uvalele phakathi ibhola elakhiwe yiChiefs isuka nalo emuva. Sekusele amanenjana umdlalo uphele uRobyn Johannes weWits uthole ikhadi elibomvu emuva kokuphendulana nonompempe uVictor Gomes ekade embhalela ukudlala kabi.
Komunye umdlalo wePremiership izolo iMaritzburg United ishaywe yiFree State Stars ngo 2-1 eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu.