I-KAIZER Chiefs isiphumele obala ngesifiso sayo sokusayinisa umqeqeshi weFree State Stars uLuc Eymael.
Amakhosi awanaye umqeqeshi emuva kokuhlukana noSteve “Mphathi” Komphela sekuzophela isizini.
Sekuphele isikhathi eside iChiefs imataniswa no-Eymael kodwa akekho obeseke waphumela obala ngodaba lwakhe.
Engxoxweni ekhethekile neSolezwe, imenenja ka-Eymael, uMike Makaab weProSport International, ivumile ukuthi Amakhosi ayamfuna lo mqeqeshi odabuka eBelgium.
“Yebo, ngihlanganile neChiefs ngesonto eledlule ukuzokhuluma indaba kaLuc. Igama lakhe kade lilokhu likhonjwa kwiChiefs.
Ngicabanga ukuthi uwuhlobo lomqeqeshi oyifanele iChiefs. Into emqoka okumele siyikhumbule wukuthi iChiefs inenqwaba yezicelo zabaqeqeshi abafuna umsebenzi wokucija iqembu.
Ngakho njengoba befuna uLuc kumele bacacise emahoreni angu-72 ezayo ukuthi bafunani.
Uma kumele kube khona okwenzekayo kumele kwenzeke kuleli sonto. Ngeke ngikufihle ukuthi iSuperSport neChiefs yiwona amaqembu afuna uLuc,” kusho uMakaab.
Naye lo mqeqeshi uke wacashunwa ethi iqembu elimfunayo kumele licacise kuleli sonto ngoba uzoya kubo eBelgium.
U-Eymael ufike eNingizimu Afrika kumasizini amabili edlule. Ngesizini yokuqala eMzansi ufake iPolokwane City kwiTop 8 wase esindisa iBloemfonten Celtic ezembeni.
Ngempelasonto lo mqeqeshi usize iFree State Stars yaqeda indlala yeminyaka engu-24 ingasazi isicoco.
IStars iqumbe phansi iMaritzburg United ngo 1-0 ngemuva kwalokho yaba ngompetha beNedbank Cup.
“Asikho isidingo sokuthi nginike iChiefs isicelo ngoLuc. Bayawazi amagalelo akhe ngoba usebenza lapha eNingizimu Afrika. Angiqondile ukudelela ngokusho lokho. Ukube bekungumqeqeshi ongasebenzi kuleli ngabe sikhona-ke isidingo sokuthi sifake isicelo.
Yinto engingeke ngiyifihle ukuthi uLuc unombandela wokuthi iqembu elimfunayo kumele likhokhe imali ethize ngoba unenkontileka neFree State Stars.
IChiefs iyakwazi okumele ikwenze njengamanje. Kumele ithinte iFree State bese siqala izingxoxo. Akusona isimo esimnandi lesi kwiFree State ngakho kumele kucace yonke into kuleli sonto,” kusho uMakaab.
Phakathi kwamanye amaqembu aseke wawacija uLuc kukhona i-AS Vita Club yaseDRC Congo, Al-Merrikh yaseSudan, Rayon Sport yaseRwanda ne-A.F.C Leopards yaseKenya.
Njalo uma ithintwa ngodaba lomqeqeshi iChiefs iphendula ngokuthi izomemezela uma isimtholile.