AKUSADINGEKI umqeqeshi ozolokhu ebamba eyeka noma osazofunda abadlali kwiKaizer Chiefs njengoba sekusele isikhathi esincane ngaphambi kokuqala kwesizini entsha kwi-Absa Premiership.
Lokhu kushiwo uNeil “Mkhukhu” Tovey oke waba ngukaputeni waMakhosi ogijimele iqembu kusuka ngo-1990 kuya ku-1999.
UTovey oyiTechnical Director kwiSouth African Football Association (Safa), uthe isimo iChiefs ekusona njengamanje sifuna umqeqeshi ozoyibamba ishisa. Amakhosi selokhu agcina ukunqoba isicoco eminyakeni emithathu edlule esacijwa uStuart Baxter okuvela ukuthi angase abuyele kuleli qembu.
Izinto azihambanga kahle Amakhosi esacijwa uSteve “Mphathi” Komphela, oshiye sekukubi ngasekupheleni kwesizini edlule.
“Kufanele kube wumqeqeshi ozofunda ngokushesha aphinde athole imiphumela ngokushesha ngoba abalandeli abaneme neze. Okunye engikubona kubaluleke kakhulu wukuthi kufanele kube ngumqeqeshi olaziyo usiko lweqembu owazi nesitayela seqembu. IChiefs akusilona nje iqembu elijwayelekile kepha linomlando wokunqoba izicoco ngakho iqiniso wukuthi kuzoba ngumqeqeshi ozoba nengcindezi enkulu,” kusho uTovey.
Phakathi kwabadlali abasayiniswe yiChiefs okwamanje kukhona uKhama Billiat osuka kwiMamelodi Sundowns, Andriamirado "Dux" Andrianarimanana waseMadagascar oshaye into ecokeme ngesikhathi kuneCosafa Cup eLimpopo, Letlhogonolo Mirwa obedlalela iBuya Msuthu kwi-ABC Motsepe League nonozinti uVirgil Vries obedume ngokuba yibhantshi emaqenjini ake wawadlalela kwi-Absa Premiership.
“Kuyinto enhle ukusayinisa abadlali kepha umbuzo enginawo owokuthi ngabe bazongena bathi khaxa esitayeleni seChiefs? Ngabe ngokwesimo somqondo bazokwazi ukumelana nengcindezi ekwiChiefs? Yizo zonke izinto lezi umqeqeshi omusha okufanele azilungise ngaphambi kokuqala kwesizini,” kuqhuba uTovey.
Uma kungenzeka iChiefs ibuyele ebholeni eyaziwa ngalo, neMamelodi Sundowns iqhubeke nokudlala ibhola elihle, bese kuthi ne-Orlando Pirates iqhubeke lapho igcine khona ngesizini edlule, lokho kungasho ukuthi abalandeli bakanobhutshuzwayo kuleli bangalindela ingcwenga yebhola. Ngesikhathi kugoqwa isizini kwi-Absa Premiership la maqembu womathathu abelandelana njengoba amaBrazilians kuyiwona abezihola phambili, kwalandela iPirates endaweni yesibili kwathi iChiefs yalala isithathu.
“Singabona ingcwenga yebhola. Empeleni ngilindele ukuthi wonke amaqembu abhukule kule sizini ezoqala. Bekungithokozisa ngesizini edlule ukuthi kuphele impelasonto uthole ukuthi wonke la maqembu athathwa njengamakhulu ahlulekile ukuthola amaphuzu aphelele. Nokho kuyinto enhle ukuthi amaqembu amathathu amakhulu adlale kahle ngoba kusinika isithombe esihle sokuthi abadlali abashisayo kufanele badlale kuphi,” kuphetha uTovey.