USIPHIWE ‘Shabba’ Tshabalala osazophinde abonakale eyithinta kanje eMoses Mabhida kule sizini esanda kuqala ka-2018/19

IZINXUSHUNXUSHU zokucekelwa phansi kweMoses Mabhida Stadium kazibuqedanga ubudlelwano obuphakathi kweKaizer Chiefs nobuholi bale nkundla eyigugu kwizakhamuzi zaKwaZulu-Natal.

UVusi Mazibuko oyimenenja yeMabhida ushaye indesheni kuleli phephandaba ukuthi limcelele kubalandeli beChiefs abaKwaZulu-Natal ukuthi behlise amaphaphu. Uveze ukuthi nakule sizini ikhona imidlalo yasekhaya yaleli qembu ezogijinyelwa kule nkundla.

Lesi sikhulu siphawule ngalolu hlobo ngemuva kokuba leli phephandaba linikele kuso libona ohlwini lwemidlalo yeligi ye-Absa Premiership ungekho nowodwa umdlalo weZimpofana ozodlalelwa eMabhida. Yonke yasekhaya bekuthiwa izoyisa eFNB Stadium, eGoli.

Kuzokhumbuleka ukuthi ngonyaka odlule iChiefs nobuholi beMabhida basayine isivumelwano seminyaka emithathu, ebesithi kunemidlalo yaleli qembu yeligi neyezinkomishi ezodlalelwa kule nkundla.

Ngesizini edlule Amakhosi adlale imidlalo engu-6 ebixube eyeligi neyezinkomishi. Kweminye yale midlalo, iChiefs ishaywe iFree State Stars ngo-2-0 kwisemi-final yeNedbank Cup. Abalandeli bayo buve umbhejazane, becekela phansi inkundla baqede banqamula uthango olubahlukanisa nabadlali bangena otshanini bafike balimaza kanzima abanye babaqaphi bedweshu.

Lokhu kudale itwetwe lokuthi iChiefs ingase isinqamule isivumelwano sokudlalela eminye yemidlalo yasekhaya kule nkundla.

UMazibuko uveze ukuthi isizathu esidale ukuthi ingabonakali ohlwini lwe-Absa Premiership imidlalo yeChiefs ezogijinyelwa eMabhida ukuthi leli qembu belisahlunga elizoyihambisa kule nkundla.

Uveze nokuthi ngasohlangothini lwabo sebeqedile ukukhanda obekonakele eMabhida.

“ Phansi amaphaphu, isivumelwano sethu seminyaka emithathu neChiefs sisaqhubeka, nakusizini ka-2018/2019 ikhona imidlalo yasekhaya yaleli qembu ezodlalelwa eMabhida. Obekubambile ukuthi iChiefs ibisahlunga imidlalo ezoyiletha kule nkundla,” kubeka uMazibuko.

UBobby Motaung oyimenenja yeChiefs naye ukuqinisekisile kuleli phephandaba ukuthi ikhona imidlalo yasekhaya iChiefs ezoyidlalela eMabhida nakule sizini. Ebuzwa ukuthi ngeyamaphi amaqembu ezolethwa kule nkundla uthe:” Okwamanje kulukhuni ukusho ukuthi yimiphi leyomidlalo, kodwa sesinalu uhlu lweza eThekwini. Maduze sizoyimemezela ngokusemthathweni”.

Empeleni ukukhala ngokungaphakami ngokwanele kothango oluhlukanisa abadlali yinto endala. Bekungaqali emdlalweni weChiefs neFree State Stars ukuthi kungene inqwaba yabalandeli otshanini oludlalela abadlali. Esinye sezihlakalo esenzeka ngo-2013, unompempe uLwandile Mfiki wasinda ngokulambisa eshaywa ngevuvuzela wumlandeli oweqa ucingo ngesikhathi iChiefs ibambana ngeqanda neChiefs.

UMazibuko abalandeli bebhola baKwaZulu-Natal ukuthi bawuyeke umkhuba wukucekela phansi izinkundla uma bengeneme ngemiphumela yamaqembu abawalandelayo. Uthe lo mkhuba udla umasipala eningi imali engasetshenziselwa ukuthuthukisa okuningi. Uqhube wathi uma lo mkhuba uqhubeka uzogcina uxosha amakilabhu akuzodlala kulesi sifundazwe.

” Ukuza kwemidlalo yeChiefs kule nkundla kuthuthukisa umnotho waseThekwini nowaKwaZulu-Natal . Kuleli dolobha kuza nabantu abaphuma ngisho ngaphandle kwalesi sifundazwe abafike bashiye umnotho. Uma ziqhubeka izigameko zokucekelwa phansi kweMabhida kalikho iqembu elizoqhubeka nokuyisebenzisa,” kubeka uMazibuko. Ibalelwa kwizigidi ezingu-6 imali esetshenziswe kulungiswa umonakalo owenziwa ngabalandeli.

Imi kanje imidlalo yeligi ezayo.

NgoLwesibili ngo 7.30 ebusuku: Baroka FC v Kaizer Chiefs ( Peter Mokaba Stadium)

NgoLwesithathu ngo 7.30 ebusuku: Orlando Pirates v Bidvest Wits

(Orlando Stadium)

NgoLwesihlanu ngo 8 ebusuku: Maritzburg United v Kaizer Chiefs ( Harry Gwala)