EMIDLALWENI yesihle esadlalwe amaqembu athathwa njengamakhulu kuleli, yiKaizer Chiefs kuphela esahluleke ukunqoba.
Amakhosi adlale ngokulingana neqembu eliyibamba kwiNational First Division (NFD), iRoyal Eagles. Umdlalo uphele ngo 0-0, eHammanskraal emini namuhla.
Izolo iMamelodi Sundowns ifumbe ngo 5-0, i-Eagles.
Omunye umdlalo wesihle odlalwe amaBrazilians, uphele ngokulingana neTS Sporting ngo kuba ngu 1-1.
I-Orlando Pirates ishaye iStellenbosch FC ngo 2-1 izolo.
Nakuba kuseyimidlalo yesihle le, kodwa ukuqeda endaweni yesishiyagalolunye kwi-log ye-Absa Premiership kweChiefs ngesizini edlule kulahlise ngethemba abalandeli baleli qembu abaningi.
Abalandeli beChiefs bakholelwa ekutheni izikhulu zaleli qembu zithatha izinqumo ezingezinhle, ikakhulukazi ekuthengeni abadlali.
Abadlali abasayinwe yiChiefs okwamanje kusenguLazarous Kambole, James Kotei, Samir Nurkovic noKearyn Baccus bonke bokuhamba.