Free State Stars (0) 0
Kaizer Chiefs (2) 2
IWAQOQE egcwele amaphuzu okwesibili imidlalo ilandelana iKaizer Chiefs ngesikhathi izidlela amahlanga kwiFree State Stars emdlaweni obekuyiwona wodwa izolo ngaphansi kwe-Absa Premiership eGoble Park Stadium, eBethlehem.
Ngaphambi kokuqala kwesizini, iFree State ibibalwa namanye amaqembu angaba yingozi kodwa kuze kube kuqala lo mdlalo wayizolo, umlingo kaLuc Eymael obeke leli qembu endaweni yesithupha kwi-log ngesizini edlule waphinde walidlisa isicoco seNedbank Cup, ubungakazivezi.
Ziyisikhombisa izinguquko ezenziwe umqeqeshi weChiefs, uGiovanni Solinas, esikimini awine ngaso kwiCape Town City emdlalweni owandulela owayizolo. USolinas, ofike kuleli ezoqeqesha iFree State, ubebhekene no-Eymael obethishwe ukuthi kube uyena obezohlala esihlalweni sobukhosi kuMakhosi.
Akungatshazwa ukuthi iFree State iwuqale kangcono umdlalo. Yize kunjalo kodwa iChiefs iyona evule umdlalo ngengcwenga yegoli elingene ngomzuzu ka-25 lishaywa uGustavo Paez obekungelakhe lokuqala kule sizini. Nakuba iChiefs bekungathi iyawupholisa umdlalo kodwa ukungenelwa yigoli kube wumjovo kwiFree State ebisihlasela kulandelana eduze.
Ngomzuzu ka-34, uPhilani Zulu uphinde wenza akwenze emdlalweni odlule enamathisela unyazi lwegoli enethini olubeke ezikaSolinas endaweni enhle. Kuyiwe ekhefini iChiefs ihamba phambili. Ukufuna ngenkani igoli kweqembu lasekhaya bekulenza liklayeke emuva obekuvulela iChiefs amathuba.
Ngokuhamba kwesikhathi bekuya ngokuya kucaca ukuthi iFree State izowadedela amaphuzu kwazise iChiefs ibisikhombisa izimpawu zokukhushukelwa ukuzethemba.
Ngemizuzu yokugcina abalandeli beChiefs bambonile u-Adriamirado “Dax” Andrianarimanana okungumgadli wabo omusha odabuka eMadagascar. Lo mdlali ongene endaweni Willard Katsande bese kube nokukhuluma ngaye iqembu lakhe lisola iChiefs ngokumeba.
Ukunqoba kweChiefs kuyikhuphulele endaweni yesithathu emaphuzwini ayishumi okuyisibalo esikahle uma uzokhumbula ukuthi iChiefs iqale yalinda ngaphambi kokuthola iwini yokuqala yesizini.
Okuhle kakhulu futhi ngalo mphumela ukuthi iChiefs inqoba nje, ayingenelwanga yigoli nakho obekungokokuqala kule sizini.