PHEZU kokuba engena elekanyana amavoti njengenhlalayenza kwiCarling Black Label Cup, kodwa iKaizer Chiefs ingena ezintangeni uma ibuzwa ngezinga lokululama kuka-Itumeleng Khune.
UKhune (32) ulimale ehlombe ngoJanuwari okuholele ekutheni angadlali isizini yonke. Kulimala kumkhiphe nasezinhlelweni zikaStuart Baxter ocija iBafana Bafana eye kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) eGibhithe.
NgoMeyi umqeqeshi wonozinti, uLee Baxter (indodana kaBaxter ocija iBafana), uveze ukuthi uKhune ubeseqalile ukuzilolonga kodwa engazisebenzisi izingalo njengalokhu kwenza onozinti bebamba ibhola nokunye.
UBaxter wazwakala engumuntu osehleli emthandazweni ekutheni uKhune abe esengcono uma beqala amalungiselelo esizini ezayo, okuyinto eqhubekayo njengamanje.
UKhune ngomunnye wabadlali abahlezi behamba phambili ngamavoti kwiCarling Black Label Cup kwazise namanje ulandela uBernard Parker endaweni yesibili kwabavotelwa kakhulu.
ICarling ingoJulayi 27, eFNB Stadium ngo-3 ntambama. Kungenwe kule mpelasonto uKhune enamavoti angu-53158 elandela uParker onangu-54717.
Kubuzwa iChiefs ukuthi njengoba evotelwa kangaka usekulungele yini ukubuyela ezintini, ivele yashaya indiyandiya.
UVina Maphosa okhulumela iChiefs, nguye ongene ezintangeni ngoKhune.
“Njengoba ubuza ngoKhune, kufanele ngiyokubuzela kodokotela ukuthi kumi kanjani ngabadlali abalimele.
Akusiye yedwa uKhune,”kusho uVina ngoLwesine.
NgoLwesihlanu uMaphosa uphinde walandula ethi abakasho lutho odokotela.
NangoMgqibelo uphinde wachaya izandla ngisho esebuzwa ukuthi ngabe usenyukele kwelinye izinga lokuzilolonga yini.
“Yini eyenza ubuze ngoKhune kuphela sibe sinabadlali abathathu abalimele? Yini ungabuzi ngoNgcobo (Nkosingiphile) noHappy Mashiane?
UKhune uyazilolonga kodwa umthetho uthi asilinde odokotela ngesonto elizayo,” kusho uMaphosa.
Ukulimala kukaKhune kushiye iChiefs osizini ihlazwa nguVirgil Vries waseNamibia. Uboze waze waxoshwa, kwathengwa uDaniel Akpei, oyisethenjwa seNigeria bebanga noBruce Bvuma, osemncane.
Nguye uBvuma obevimbile bengena ehlazweni behlulwa yiTS Galaxy edlala kwiNational First Division (NFD) ngo 1-0 kowamanqamu eNedbank Cup ngoMeyi.
UBrilliant Khuzwayo, ovimbela i-Orlando Pirates okunguye unozinti ohamba phambili ngamavoti kwabeZimnyama, useveze kaningi ukuthi ufuna ukudelisana noKhune ngoJulayi 27.
Naye uKhuzwayo uxinwe wukulimala eqakaleni kangangoba sekuphele isizini efikile kwiPirates kodwa akaze ayidlalele.