IKAIZER Chiefs yehlulekile ukuvikela isicoco seMultiChoice Diski Shield (MDS) esinqobe nyakenye iphuma emzuliswaneni wamaqoqo kulo mqhudelwano izolo.

IChiefs yehlulekile ukushaya izimbangi zayo i-Orlando Pirates kowabakhaya kuGroup A obuzocacisa ukuthi ngabe ngubani ozodlulela kowandulela owamanqamu kulo mqhudelwano. Igoli leBucs lishaywe uSimiso Bophelo ngasekupheleni kwesiwombe sokuqala. Elokulinganisa leChiefs lishaywe uSibusiso Milanzi sekuvalwe amehlo esiwombeni sesibili.

IChiefs iyona ebicindezela ngemizuzu eyishumi yokuqala. U-Itumeleng Shopane odlala ophikweni lwesokudla, Sabelo Radebe ongumgadli noReamohetse Rorwana bebewuhlupho odongeni lwePirates nokuphoqe ukuthi * -Elson Sithole ongunozinti weBucs abe matasa.

Kusukela emzuzwini ka-15 kuya koka-27 akukho okungako okwenziwe amaqembu, ngaphandle komjiko ongathi shu, obugcina uphelele eze, amathuba engakheki.

Ngomzuzu ka-28 uLebohang Lesako odlala esiswini kwiChiefs uphase elihle ibhola elikhiphe qekelele uLebohang Matakanya wabhekana noSithole emapalini eBucs. Udlaliswe kabi uKagiso Madisha, unompepe wabeka i-free kick endaweni eyingozi. Nokho uSizwe Twala wakha amabhilidi lelo thuba lashabalala.

Ibingasayeqi inkaba yenkundla iPirates, kuyiChiefs ecindezele. Lokhu bekudalwa ukuthi iPirates ibivele ifuna iphuzu kulo mdlalo kanti Amakhosi abedinga ukunqoba ngamagoli amathathu ukuze adlulele kowomkhumulajezi.

Ngomzuzu ka-42, isinde ngokulambisa iPirates ngemuva komnyakazo omuhle wenxele uThabo Mokwena okhombise amandla nesibindi ejika amadoda kwesokunxele wagoba ibhola elihle elihlangane noMatakanya wathi ulibhajisa ezintanjeni laphuma eceleni kwepali.

Ngesiwombe sesibili iChiefs iqale ngamandla, igcina ibhola futhi ihlasela. Ngomzuzu ka-10 esiwombeni sesibili uLesako udedele umshosha phansi ethi uyazumisa kuSithole emapili ePirates, walibamba ngqi kwachwaza inkundla.

Umqeqeshi weChiefs * -Arthur Zwane umangaze abaningi ekhipha isethenjwa sezakhe uShopane, efaka uMilanzi. Ungene kwezwakala nokho, njengoba kuthe esanda kungena, uMilanzi wadonsa inkunzimalanga yeshodi, esebenzise kanzima uSithole emapalini

USithole uphinde wageza uTwala ephume qekelele, ezihambela yedwa. UTwala bekufanele abheke ipali lapho lingakhona, abeke ibhola enethini kodwa walishaya laqonda ngqo kuSithole.

Esikhathini esengeziwe sikanompempe, uMilanzi ushaye ingcwenga yegoli eliwumshosha phansi engaphandle kancane kuka-18, yachwaza inkundla.