I-KAIZER Chiefs iqinisekise ukuthi isiqede konke noGodfrey Walusimbi obedlalela ompetha beKenyan Premier League, iGor Mahia.
Lo mdlali oneminyaka ewu-29 ungowokudabuka e-Uganda kanti usayine inkontileka yeminyaka emithathu neChiefs.
"Bengilokhu ngazi ukuthi iKaizer Chiefs yiqembu elikhulu," kusho uWalusimbi.
"IChiefs idlalela ukuwina izicoco futhi leyo yinto enhle bonke abadlali abahlale bephupha ngayo. Njengabo bonke abadlali ngihlale ngifuna ukunyukela kwelinye izinga ngakho ngicabanga ukuthi ngisendaweni ekahle kwiChiefs."
UWalusimbi ungumdlali weqembu lesizwe lase-Uganda kanti ubiziwe eqenjini njengoba kuzoba nekhefu leFifa. Usedlalele amaqembu afana neSports Club Villa, e-Uganda, neDon Bosco, yaseDR Congo.
"Sengivele ngisibambile isitayela seChiefs," kusho uWalusimbi.
"Kulula kakhulu ukusheshe ujwayele endaweni esezingeni eliphezulu. Ngikubheke ngabomvu ukusebenza kanzima ngisize iqembu."
Imenenja yeChiefs uBobby Motaung yemukele uWalusimbi odume ngelikaWazza e-Uganda.
"Ekugcineni siyajabula ukuthi konke kuhambe kahle, izingxoxo seziphothuliwe, futhi umdlali usengadlala. Simfisela konke okuhle," kusho uMotaung.
UWalusimbi uzogqoka ijezi unombolo 29. Akwaziwa noma uzodlala yini uma iChiefs isibhekene neSuperSport United emdlalweni womlenze wesibili kowandulela owamanqamu weMTN 8 eFNB Stadium, kusasa ngo-8.15 ebusuku.