UMDLALI wasemuva kwiKaizer Chiefs uTeenage Hadebe okuzofanele angqobhe emuva emdlalweni wezakhe neChippa United
ISENGCUPHENI yemilando ehlukene iKaizer Chiefs okufanele nakanjani iwine umdlalo wokugcina ukuze izodlala kwiMTN8 ngesizini ezayo.

IChiefs isiphenduke ihlaya kubalandeli bebhola eMzansi ngokuhlala endaweni yesikhombisa kwi-log ye-Absa Premiership isikhathi eside.Akusekho engakwenza ukuze iqede endaweni engaphezulu kwaleyo. Osekungenzeka ukuthi uma ihluleka ukuwina kwiChippa United eNelson Mandela Bay Stadium namuhla, izibeke engcuphenibhekane yokuphuma kwi-top8.

Amakhosi agcina ukuqeda ngaphandle kwe-top8 ngesizini ka-2006/2007 okuyisizini eyawina ngayo iMTN8 iqeqeshwa ngu-Ernst Middendorp okunguyeka oyiphekayo kumanje.

Nokho yaqeda ngaphandle kwe-top 8 engasekho uMiddendorp kwazise akayiqedanga leyo sizini. Uma Amakhosi ephumelela ukuhlula iChippa azohlala endaweni yesikhombisa ngamaphuzu angu-42 okuzosho ukuqeda ngaphansi kwendawo yesithupha okokuqala kusukela ngesizini ka-2006/2007.

Ngaphezu kwalokho azoqeda enamaphuzu amancane okwesibili kusukela kwasungulwa iPremier Soccer League. IChiefs igcine kuwona angu-42 ngesizini ka-2006/2007 iqeda endaweni yesishiyagalolunye kwi-log. Leli kwaba yirekhodi elacisha elango-1994 lamaphuzu amancane eyawathola kuleyiNational Soccer League (NSL) First Division iqeda endaweni yesihlanu ngawu-40.

Isitobha saMakhosi, uTeenage Hadebe, sikhathazekile ngesimo iqembu elikuso ekubeni kubhekwe ukuthi libange izindebe nezimbangi i-Orlando Pirates neMamelodi Sundowns.

“Kubuhlungu ngoba iqembu elifana neKaizer Chiefs akufanele lilwele i-top 8 kodwa kufanele libange isicoco ngoba yiqembu elikwaziyo ukuwina izindebe. Ngiyakholwa ukuthi ngesizini ezayo sizokwazi ukulungisa amaphutha enzekile kule sizini. Singabadlali sinengcindezi kodwa siyijwayele,” kusho uHadebe.

Itshe limi ngothi kwiChiefs ngenxa yamaqembu ebanga nawo i-top 8 okukhona kuwona iLamontville Golden Arrows, Highlands Park neBloemfontein Celtic.

Njengoba kwenseka ngesizini ka-2006/2007, iChiefs yaqeda ngaphandle kwe-top 8 kodwa yawina indebe, nakulokhu isethubeni lokuwina iNedbank Cup ezoyibanga neTS Galaxy edalla kwiNational First Division (NFD) ngoMeyi 18 eThekwini.

Akubuzwa ukuthi le ndebe ingazithoba izinhliziyo zabalandeli osekuphele iminyaka bagcina ukubona iqembu labo ukuhlabana.

UHadebe ungomunye wabajoyine iChiefs enethemba lokuthi bazowina izindebe kodwa abayazi injabulo kusukela bafika eNaturena.

“Nginesiqiniseko sokuthi sizoyiwina iNedbank Cup. Sibakweleta indebe abalandeli bethu. Kufanele sizame ukuqeda isizini kukhona esikuwinile. Lena kuzoba yindebe yami yokuqala kwiChiefs,” kusho uHadebe.

Maye-lana noku-bhekana neChippa uthe: “Uma udlala nama-qembu avika izembe kubanzima ngoba alwa ngayo yonke indlela ukuze azosinda. Thina silwela i-top 8. Kufanele senze ngakho konke ukuthi siwuwine lo mdlalo.”

Umqeqeshi weChippa uClinton Larsen uphawule wathi: “Okwethu okufanele sikwenze ukunqoba singabheki ukuthi kwenzekani kwabanye. Okuhle kakhulu ngokunqoba kwethu lomdlalo ukuthi siyobe sesiphephile ngisho esibanga nabo banganqoba ngoba simikahle ngasemehlukweni wamagoli.”