IKAIZER Chiefs ayikho emaqenjini asembangweni wokusayinisa umgadli weBlack Leopards, uMwape Musonda, okuthiwa ufunwa nangawaphesheya kwezilwandle.
Lokhu kuvezwe ngusihlalo weLidoda Duvha, uDavid Thidiela, ngesikhathi egcizelela eyokuthi uvule izandla eqenjini elifuna lo mgadli waseZambia.
UMusonda, ofike eNingizimu Afrika eminyakeni edlule ezodlala kwi-Orlando Pirates, ukhale wemuka nomklomelo womdlali oshaye amagoli amaningi
kwi-Absa Premiership kwisizini ka-2018/2019 emuva kokushaya inethi kawu-16.
Ubekade enze okufanayo kwiNational First Division (NFD) ngesizini eyandulela ephelile, ehlukaniselana umklomelo noPeter Shalulile weHighlands Park.
UMusonda kuyinto eyaziwayo ukuthi maningi amaqembu amgaqele kwiPremiership okubalwa kuwona iBidvest Wits, SuperSport United namanye.
“UMusonda sifuna ahambe, usisebenzele. Sifuna ayodlala eqenjini noma kwiligi ephezulu. Ngabe sifunani kanti? Lo muntu usishayele amagoli kwiNFD, sabuyela kwiPremiership. Waphinda futhi kwiPremiership wadla umklomelo wamagoli. Akhona amaqembu esikhuluma nawo nemenenja yakhe. Ayikho iKaizer Chiefs kuwona, ayikaze isithinte kuze kube yimanje. Kukhona ngisho amaqembu aphesheya kwezilwandle akhombisa intshisekelo. Kodwa konke kuzocaca emasontweni azayo ukuthi ugcina esayine kuphi,” kusho uThidiela.
Emasontweni adlule iphini lomqeqeshi kwiChiefs, uShaun Bartlett, lithe ngeke bayikhulumele eziko eyabadlali ababafunayo ngoba bafunde kabuhlungu bephucwa iqatha emlonyeni kumasizini adlule. Nakuba uThidiela eyichitha eyeChiefs kodwa ubudlelwano beminyaka anabo nosihlalo weChiefs,uKaizer Motaung, bungasebenza noma yinini uma Amakhosi eseshintsha umqondo ngoMusonda.
Umthombo ongaphakathi kwiChiefs uphawule wathi "Kuthulile okwamanje silinde abadlali babuye ngoLwesine, enye imbangela ukuthi asazi kuzokwenzekani ngabadlali abayisikhombisa abayibambe kwi-Afcon. Kusengenzeka sibone abanye abadlali kwi-Afcon."
Emizameni yokuqinisa iqembu uThidiela usayinise uThuso Phala obegijima kwiSuperSport United noMogakolodi Ngele obekade esephendulwe isibukeli kwiMamelodi Sundowns.
“Ibhola liyisiphiwo. Sonke siphiwe iziphiwo ezingafani. UNgele unesiphiwo esihlukile
futhi ungumdlali osezingeni eliphezulu. Uwine iligi neWits eshaya amagoli.
“UThuso angingabazi ukuthi uzobuyela ebholeni lakhe. Uyadansa uma iqembu liwina. Ngakho kufanele siwine ukuze ezojabulisa abalandeli bethu,” kusho uThidiela.