USIHLALO weBaroka, uKurishi Mphahlele, ucacisa ngoTalent Chiwapiwa okugcine kuvalwe iwindi lokushintshana ngabadlali eseseqenjini phezu kwezinkulumo zokuthi ufunwa uthuli yiKaizer Chiefs neMamelodi Sundowns.
UChiwapiwa, waseZimbabwe, ushaye into ecokeme kuBakgaga ngesizini edlule eqala ukudlala kwi-Absa Premiership. Lokhu kulandelwe yizinkulumo zokuthi ulandelwa ngamaqembu amakhulu eNingizimu Afrika nokujabulise iqeqebana labandeli baMakhosi. UChiwapiwa uqokwe njengomdlali ovelele emasontweni edlule ngesikhathi iBaroka idlala ngokulingana ngo 1-1 neChiefs kowePremiership ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane.
UMphahlele uthe: “IChiefs ayikaze ikhulume nami ngendaba kaChiwapiwa, nami kade ngiyizwa nje le nto emoyeni. Abantu obekufanele bakhulume nathi abakaze basho lutho. Bengimangala nje ukufunda emaphephandabeni ukuthi uChiwapiwa uyahamba. Kodwa-ke noma iChiefs ibike yafika kithina besingeke simdayise okwamanje. Abantu abafunde ukuyozifunela abadlali njengoba nathi senza nje,” kusho uMphahlele.
Okuqinisine imibiko yokusayina eNaturena kukaChiwapiwa wukubolekisa komgadli osemncane, u-Emmanuel “Adebayor” Letlotlo kwiBaroka. Bekunezinkulumo zokuthi laba badlali bazoshintshana.
Amakhosi asayinise abadlali abasha ngaphambi kokuqala kwesizini okukhona kubona uKhama Billiat waseZimbabwe, Virgil Vries waseNamibia, Godfrey Walusimbi waseKenya nabanye. Nokho izinto azikahlangani ngoba awakawini nowokubika umdlalo kwiligi selokhu kuqale isizini ka-2018/2019. IChiefs izobuyela enkundleni ngoMgqibelo uma isibhekene neCape Town City eKapa. Ngosuku olufanayo iBaroka izovakashela iChippa United eSusa Dukashe Stadium.
Khonamanjalo, iChiefs imemezele ukuthi umdlalo wayo nePolokwane City, obekufanele udlalelwe eFNB Stadium, usuthuthele eMoses Mabhida eThekwini ngo-Okthoba 6 ngo-6 ntambama. IChiefs izobuyela eMabhida okokuqala selokhu kwasuka izidubedube ibhekene neFree State Stars kowandulela owamanqamu weNedbank Cup ngesizini edlule nokuphethe ngokuthi kusule umqeqeshi, uSteve Komphela, osecija iBlomefontein Celtic.