I-CELL C SHARKS ayizoyithatha kancane neze i-iCollege Pumas uma la maqembu esetholana phezulu emzuliswaneni wesithathu emqhudelwaneni iCurrie Cup ka-2018.
Lo mdlalo uzoba seKings Park Stadium, eThekwini ngoLwesihlanu, ngo-7 ebusuku. Ngokusho kukaJeremy Ward oyi-centre yeSharks, uma beke balahla ngoLwesihlanu, iPumas ingavuka ngabo njengoba ibuya esibhaxwini esishisayo esithole ngeledlule.
I-Pumas ilotsholwe ngompetha abavikela isicoco seCurrie Cup okuyi-DHL Western Province ebashaye ngo 57-28 ngeledlule. Ngaphambi kwalo mdlalo ibidlale kahle ishaya i-Tafel Lager Griquas ngo 42-19.
Ngakolunye uhlangothi iSharks ivutha ingabaselwe njengoba ingayazi induku selokhu kuqale umqhudelwano. Emidlalweni emibili esadlalwe ezikaRobert Du Preez Snr, zinqobile.
Zishaye i-Vodacom Bulls ngo 26-10, zaphinde zanqoba kwi-Toyota Free State Cheetahs ngo 33-29 ngeledlule. Ekhuluma izolo ngemuva kokuziqeqesha nezakhe eShark Tank, uWard uthe balindele umdlalo onzima kwiPumas.
“Bayiqembu eliyingozi kakhulu ngokwami ukubona ngoba sebedlale ndawonye iminyaka emithathu. Lokhu kusho ukuthi bazana kangcono, okufakazelwa ukwenza kahle kwabo kwiSuperSport Challenge. Ngibabona beza kithina ngokukhulu ukuzethemba. Kuzofanele sizibambe ziqine emizuzwini yokuqala ewu-20, ngemuva kwalokho sizobe sesazi ukuthi sibhekene nani,” kusho uWard obe neshwa lokulimala ngaphambi kokuqala kweVodacom Super Rugby wahlala amasonto ayishumi engadlali.
Ngokusho kukaWard, abazimisele ukulahla umgqigqo wabo uma sebebhekene nePumas, nathe kuleli sonto bebeziqeqesha ekutheni udonga lwabo lube bukhali kakhulu emizuzwini yokuqala ewu-20.
“Ngesikhathi sidlala neCheetahs sabuye salala kancane emuva, yabuya yaze yacishe yasigojela. Sifundile emaphutheni, asifuni lokho kuphinde kwenzeke. Kuleli sonto sizicija kakhulu ngokubaluleka kwemizuzu ewu-20 yokuqala enkundleni,” kuphetha uWard.
Imidlalo yeCurrie Cup kule mpelasonto:
NgoLwesihlanu:
Sharks v Pumas (7pm)
NgoMgqibelo:
Griquas v Bulls (2.15 pm), Lions v Cheetahs (4.20 pm).