IZONGENA emlandweni ngokuba wumqhudelwano wokuqala kanobhutshuzwayo ukubuyisela abalandeli enkundleni eNingizimu Afrika iCarling Black Label Cup, okuzoqhuthana kuyo iOrlando Pirates neKaizer Chiefs.
La maqembu aseSoweto azodudulana kulo mqhudelwano e-Orlando Stadium, eSoweto ngo-Agasti 1.
Kungenzeka la maqembu ahlangane aseshaya womabili ngenkanyezi ehambisana nokudla igolide kwiCaf Champions League.
Lokho nokho kulele ekutheni iChiefs iqede ngeWydad Athletic Club eFNB Stadium, ngoMgqibelo ngo-6 ntambama.
Ingabe isibheka kowamanqamu oseCasablanca ngoJulayi 17.
Nokho okumqoka okwamanje ngeCarling, wukuthi izonika abalandeli ababili ithuba lokungena okokuqala enkundleni kusuka ngo-Ephreli wanyakenye kumiswa ezemidlalo emhlabeni wonke ngenxa yokubheduka kwecoronavirus ngoMashi.
“Izoqopha umlando iCarling ngokuba wumqhudelwano wokuqala ukubuyisela abalandeli enkundleni. Yebo kuzobe kungababili kuphela abazothola ithuba lokuba ngamaChampion Coach kodwa kungaba yinoma ngubani. Nobani nobani angangenela. Wukuthenga iCarling Black Label bese uthatha iselula ushaye u *120*660*ICODE YESIVALO SESIPHUZO#,” kusho uPhumudzo Manenzhe, owayengumdlali wePirates.
Bavumelene noReneilwe Letsholonyane, owayedlalela iChiefs, ukuthi kungakuhle kulo nyaka ke kuhlabane abalandeli baKwaZulu-Natal ekubeni ngamaChampion Coach (abazoba ngabaqeqeshi bosuku ngo-Agasti 1).
“Kulo nyaka iCarling ishaya ngonyawo oluhukile. Kunezinto ezinhlanu ezibizwa ngamaGame Changers. Ngamandla lawo anikwe abalandeli ukungagcini nje ngokubophela isikimi kodwa wukusihlela kungaba yi-4-4-2, 4-3-3 njalonjalo, okwesibili wukuqoka ozothatha amaphenathi eqenjini ngalinye, ukaputeni weqembu ngalinye, wukushintsha abadlali besebenzisa itwitter nokuqoka umdlali wosuku,” kusho uLetsholonyane ngokuvumelana noManenzhe.
UCandice Vandenbosch noFarah Roskruge bona bakhuthaza abalandeli ukuthi bangene kwiwebsite yeCarling Black Label ukubona izinombolo zamava abadlali ukuze bezokwazi ukuhlela izikimu zabo.