IMENENJA ehhovisi le-Orlando Pirates uFloyd Mbele, awulona iqiniso umbiko obusezinkundleni zokuxhumana obuthi uThembinkosi Lorch, usephenduke inyama emaqenjini ase-Europe okuthiwa aphangelana ngokumsayinisa.
Lo mbiko usabalale ngemuva kokuthi lo mdlali ngoMgqibelo odlule etakule iBafana Bafana ngokuyishayela igoli ibhekene ne-Egypt emdlalweni we-Africa Cup of Nations eqhubekayo eGibhithe.
Lona bekuwumdlalo wokuqala kaLorch selokhu kuqale umqhudelwano, ubengakaze alithole ithuba lokudlala kweyamaqoqo, phezu kwesikhalo sabalandeli abebethi umqeqeshi umshiyelani.
Umqeqeshi weBafana uStuart Baxter udlalise lo mdlali ngemuva kwesikhalo sabantu baseNingizimu Afrika sokuthi ngabe yini emenza, amgqume ebhentshini ekubeni egile izimanga kwiPremiership ngesizini edlule okwenze wagcina eqokwa njengomdlali ovelele.
NgoMsombuluko kube nombiko obunanyathiselwe ekhasini okusengathi ngelisetshenziswa yi-Pirates ezinkundleni zokuxhumana.
Ekhasini bekungathi kufuneka uvo lwabalandeli beZimnyama ngokuthi ngabe lo mdlali usekulungele yini ukuyodlalela amaqembu ase-Europe.
“Thina asinalo ulwazi lwale mibiko ngoba akekho oseke wasithinta ngalo mdlali. Uyabazi abantu ukuthi banjani ezinkundleni zokuxhumana bayathanda ukusho noma yini,” kusho uMbele.
ULorch ungomunye wabadlali abahamba phambili ekuvotelweni kwiCarling Black Label.
Eqhubeka uMbele uthe: “Nakuba umdlali enemenenja yakhe engingasho ukuthi lo mbiko ubhedlwa yiyo kodwa thina njengabaphathi bakhe njengamanje akukho esikwaziyo.”
Imenenja yalo mdlali engaphansi kweLuso Afrika Players’ Management, uMiguel Paiva, ibuzwa ngale ndaba ithe: “Lo mbiko awuphumi kubona noma eqenjini lomdlali. Akukho lutho olubambekayo engingathi ngiphawula ngakho. Mhlawumbe ngokuhamba kwezinsuku kungenzeka kube khona okuqhamukayo.”
Okumenzele ugazi lo mdlali yindlela abeke phambili izwe lakhe ngemuva kokuthi kudlule emhlabeni uninalume, uLebohang Mokoena, othunwe ngoMgqibelo ngaphambi komdlalo ashaye kuwona igoli elizongena emlandweni.
Isibindi asikhombisile simenzele ugazi ngokukwazi ukuzithiba akangakhombisa ukuthi ulahlekelwe wumuntu abesondelene naye njengoba kunguyena owamphelezela eyosayina kweZimnyama.
Kuthiwa emaqenjini amfunayo kukhona i-FC Nantes yaseFrance okuthiwa iyona ehamba phambili. Amanye amaqembu yiMonaco neLillie (France), Torino (ltaly) no-Ajax (Netherland).