UJUSTIN Shonga we-Orlando Pirates kuvela ukuthi kukhona amaqembu amcathamelayo Isithombe: BACKPAGEPIX
AKADAYISI umdlali we-Orlando Pirates, uJustin Shonga.

Lo mdlali waseZambia kuke kwavela imibiko yokuthi ufunwa amaqembu aseTanzani nase-Egypt.

UShonga ufike kuleli qembu laseSoweto ekuqaleni kwesizini ka-2017/2018 esuka kwiNkwazi FC eZambia.

Ngesizini edlule ube nemidlalo ewu-29 kweZimnyama washaya amagoli ayisithupha wasiza ekwakheni amane.

Kuthiwa yiSimba FC yaseTanzania ne-Al Ahly e-Egypt amaqembu amfunayo.

isikhulu esiphezulu kwiPirates, uFloyd Mbele, sithe alikho iqembu eselike labathinta ngalo mdlali.

“Alikho iqembu eselike lasithinta ngoShonga okwamanje. Akadiyisi,” kusho uMbele.

I-Pirates imatasa njengoba kuvalwe isizini isayinisa abadlali, kanti kukhona nebachithile.

Iqinise iqembu ngokusayinisa uSiphesihle Ndlovu, Tshegofastso Mabasa, Bongani Sam, Kabelo Dlamini, Tebogo Tlolane noGabadinho Mhango.

“Uma kukhona isicelo esiqhamukayo siyosibheka ngaleso sikhathi. Asikaze sivimbe muntu lapha kwiPirates. Sinabo abadlali asebeke baya phesheya. Uma isicelo siphusile ngokwebhizinisi neligi iyinhle, sizolalela. Asikhulume uma sekukhona okuphathekayo,” kusho uMbele.

I-Pirates isanda kukhulula uNyasha Munetsi osayiniswe yiqembu laseFrance kwi-Ligue 1, iStade de Reims. Ngesizini edlule ihambise uLyle Foster kwiMonaco khona eFrance.

Ezinguqukweni ezenziwe yiPirates ibuye yadedela abadlali engasabadingi, uThabo Qalinge, Thabo Matlaba, Jackson Mabokgwane, Ayanda Nkosi, Mpho Makola, Phetso Maphanfa, Diamond Thopola noCaio Marcelo. UThamsanqa Gabuza noKuda Mahachi bayiswe kwiSuperSport United.

Leli qembu eliphekwa uMilutin Sredojevic alizibekile phansi ngamalungiselelo esizini entsha njengoba kade linekhempu eRusternburg. Manje selizodlulela eKapa lapho lihlele khona imidlalo yobungani ngaphambi kokudlala neKaizer Chiefs koweCarling Black Label Cup ngoJulayi 27 eFNB Stadium ngo-3 ntambama.