NAKUBA i-Orlando Pirates ishaya kwasani kulezi nsuku kodwa uMilutin “Micho” Sredojevic ocija iBucs uthi ulindele umdlalo onzima kwiPolokwane City.
La maqembu azoshukana namhlanje emdlalweni we-Absa Premiership ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane, ngo-7.30 kusihlwa.
I-Pirates selokhu yagcina ukushaywa kwiligi ngo-Agasti 19, ihlulwa yiBloemfontein Celtic ngo 1-0, emdlalweni owawuseFree State Stadium. Lokhu kusho ukuthi sekuphele imidlalo eyisikhombisa kwi-Absa Premiership ezikaSredojevic zingayazi induku.
EZimnyama ziqinise idolo abalandeli bazo ukuthi hleze kukhona abangakuthola kule sizini ngemuva kokushaya izimbangi zazo ezinkulu iKaizer Chiefs ngo 2-1 emasontweni amabili edlule, zafinyelela nakowandulela owamanqamu kwiTelkom Knockout, zishaya AmaZulu ngo 3-1, kuma-quarter final.
Nokho namuhla uma iBhakabhaka lizozithela ngabandayo, lingazithola lisenkingeni ngokusho kukaSredojevic. IRise and Shine ilokhu iqhubeke njalo nokumangaza abaningi njengoba isivulela isibhaxu kule sizini ngaphansi komqeqeshi uJozef Vukusic waseSlovakia.
ICity isendaweni yesine kwi-log ngamaphuzu awu-17, emidlalweni eyisishiyagalolunye. Phakathi kwemiphumela emangaze abaningi etholwe uVukusic nezakhe ukushaya iChiefs ngo 1-0 eMoses Mabhida Stadium, ukubambana ngo 1-1 neSuperSport United nokushaya iBidvest Wits ngo 1-0.
Emdlalweni wokugcina weligi iRise and Shine ishaye iMaritzburg United ngo 1-0 ngo-Okthoba 27.
“Kubalulekile ukuthi abadlali bami bakhohlwe osekwenzekile. Kube kuhle ukuthi sishaye iChiefs sakwazi nokudlulela emzuliswaneni olandelayo kwi-TKO kodwa kufanele siqaphele singabe sesithatha izinto kancane. Njengamanje sizobhekana nomdlalo onzima neqembu engilibona lisezingeni eliphezulu kakhulu iPolokwane City. URamaG (esho uRodney Ramagalela) nezakhe badlala kahle ngaphansi komqeqeshi uVukusic, silindele umdlalo onzima kakhulu,” usho kanje uSredojevic ngemuva kokwehlula AmaZulu.
Ngokusho kukaSredojevic, abalandeli beBucs basazoqhubeka nokubona abadlali bakhe bedlala ibhola elinomjiko. I-Pirates ibilihlikihla kuchwaze inkundla eMoses Mabhida Stadium, ngesikhathi isihamba phambili ngo 3-1 ishaya Usuthu.
“Sidlalela abalandeli bethu thina. Sifuna ukubajabulisa ngoba basuke emakhaya bezosibona. Ibhola lomjiko lihle ngoba ubulala izinyoni ezimbili ngetshe elilodwa. Ujabulisa abalandeli, uphinde ugcine ibhola okwenza isitha kube nzima ukuba sikuhlasele,” ubeke kanje uSredojevic.
Imidlalo ye-Absa Premiership:
Namuhla ngo-7.30 ebusuku: Polokwane City v Orlando Pirates (Peter Mokaba Stadium)
Kusasa ngo-7.30 ebusuku: Mamelodi Sundowns v Free State Stars (Loftus Stadium); Kaizer Chiefs v Black Leopards (FNB Stadium)
NgoLwesihlanu: Marizburg United v Highlands Park (Harry Gwala Stadium, 8pm)
NgoMgqibelo: Lamontvile Golden Arrows v Baroka FC (Princess Magogo Stadium, 3.30pm); Kaizer Chiefs v Chippa United (Moses Mabhida Stadium, 6pm); Bidvest Wits v Bloemfontein Celtic (Bidvest Stadium, 8.15pm); Free State Stars v SuperSport United (Goble Park Stadium, 8.15pm)
NgeSonto ngo-3.30 ntambama: Cape Town City v Black Leopards (Cape Town Stadium); AmaZulu FC v Polokwane City (King Zwelithini Stadium)