UBAMBISWANO eqenjini lesizwe laseNingizimu Afrika ebholeni lombhoxo, Amabhokobhoko nokuvikela umhlaba wawo ngendlela, yikhona okuqhambiswe ukaputeni wuSiya Kolisi, ngemuva kokwehlula kwawo ama-All Blacks aseNewZealand.
Amabhokobhoko aqede ukukhuluma kwazise afulathela leli kubanjwe umoya, azobuyela eNingizimu Afrika azodlala impindamshaye ne-Australia neNew Zealand.
Umdlalo abafana bakaRassie Erasmus, abaqophe kuwona umlando ngokushayela ekhaya ama-All Blacks ngo 34-36 emdlalweni weRugby Championship obuseWestpac Stadium, eWellington, eNewZealand.
Ephawula ngemuva komdlalo uKolisi uthe: “Ngiswele amazwi ngendlela engijabule ngayo. Konke bekuwukubambisana nokuzitshela kubadlali ukuthi kufanele ngaso sonke isikhathi usize umdlali oseduze kwakho, okuyikhona okwenze omkhulu umehluko.
“Emidlalweni edlule yithina ebesizihlinzela ezibini. Namhlanje sikhombisile ukuthi yini esingayenza futhi siyenze kangcono.
“Lomphumela uzosisiza ekutheni sibuyelwe ukuzethemba ukubheka phambili emidlalweni elandelayo.”
Ngisho abahlaziyi bomdlalo wombhoxo bancome kakhulu indlela Amabhokobhoko abezinikele ngayo nendlela avikele ngayo umhlaba wawo ngaphansi kwengcindezi ebesilethwe yiqembu laseNewZealand.
Ngemizuzu ewu 17 yokuqala komdlalo abafana baseNewZealand bese behamba phambili ngo 12-0.
U-Aphiwe Dyantyi, udabule emadodeni waye walala ngale komugqa omhlophe amahlandla amabili.
Ngemuva kwe-try ne-conversion eyeqiswe amapali ngu-Handre Pollard, Amabhokobhoko awabange esahlehla, ahlasele ngamandla ephindelela emhlabeni we-All Blacks.
Ukuhlasela kwawo engayeki okwezulu laseMthatha kuthele izithelo njengoba uWille
Le Roux abeke ibhola ngale komugqa umhlophe kwaba
yi-try yesibili eguqulwe nguPollard ewabeke phambili nabambelele lapho kwaze kwayophela umdlalo.
Ngemuva komdlalo kube nezinyembezi zenjabulo kuPieter-Steph Du Toit, naye obe nomdlalo omuhle, engakholwa ukuthi ngabe ngempela banqobile ekubeni bebengasanikwe thuba ngabantu baseNingizimu Afrika emuva kokushaywa kabuhlungu yi-Argentina ne-Australia emidlalweni ebeyandulela lona.