UKUPHENDUKA kweKaizer Chiefs ithofi lamanye amaqembu yikhona okunikeze abafana beTS Galaxy ithemba lokuthi bangawaqumba phansi la “makhosi” anezindebe ebholeni laseNingizimu Afrika.
IGalaxy edlala kwiNational First Division (NFD) iqophe umlando iba ngompetha bale sizini beNedbank Cup, idla iChiefs ngo 1-0 kowamanqamu obuseMoses Mabhida Stadium, eThekwini ngoMgqibelo ebusuku. Igoli ewine ngalo kube yiphenathi eshaywe uZakhele Lepasa umdlalo uya ngasekupheleni.
Umqeqeshi weGalaxy, uDan “Dance” Malesela utshele abezindaba ukuthi vele bese kubona ngisho ingane encane ukuthi izinto azihambi kahle eqenjini laseNaturena.
IChiefs eqeqeshwa * -Ernst Middendorp, ifike kowamanqmu ingakaze iwine emidlalweni eyisishiyagalombili. Lokhu kuyenze yaqeda ngaphandle kweTop 8 kwi-Absa Premiership.
“Ngiye ngingathandi ukukhuluma ngamanye amaqembu ngoba akusimina engiwalolongayo. Angifuni ukwehlulela abanye abantu nokungena enkingeni. Kodwa ukukhuluma iqiniso, iqembu (iChiefs) belidonsa kanzima akusiyona imfihlo leyo. Yilokho okusinikeze ukuzethemba sabona ukuthi kukhona esingakwenza ngoba kusobala ukuthi akubahambeli kahle. Kodwa amalungiselo abengagxilile kwiKaizer Chiefs. Senze umsebenzi omkhulu silanda izikhulumi ezizokhuthaza abadlali kanjalo nezinkakha. Nami bengikhuluma nabadlali ngoba ngiyasazi isiteji abebeya kusona njengoba nibonile esiwombeni sesibili bese siqala ukubasinda,” kusho uMalesela.
Lo mqeqeshi oseke waqeqesha iChippa United, uqophe umlando nezakhe beba yiqembu lokuqala leNFD ukunqoba le ndebe futhi bakwenza lokho beshaya iChiefs esinqobe iNedbank Cup amahlanga awu-13.
“Bekuyimizuzu ewu-90 enzima, ikakhulukazi esiwombeni sesibili lapho bese besicindezele cishe imizuzu ewu-15 kwaze kwalamula ukulimala kwabadlali (abashayisane ngamakhanda). Ngesikhathi ngishintsha ngitshele omunye wabadlali ukuthi akatshele nabanye ukuthi asisekho isidingo sokudlala ibhola elihle. Sizobabamba ngokuzumisa uma kunesidingo njengoba kwenzekile nje. Esinye isifiso sami bekuwukuthi silithole igoli sesihambile isikhathi ngoba bese sizoba nengcindezi ukube besishesha silithola,” kuchaza uMalesela.
IGalaxy ihlomule ngoR7 million wokuba wompetha. UMalesela uthe lena yiyona into enkulu aseke wayinqoba engumqeqeshi. Ubonge nabalandeli beGalaxy abebelokhu beseka iqembu kusukela ezinyangeni eziyishumi lakhiwe.