ISEKWE ngemizuzu yokugcina iBanyana Banyana eqophe umlando ingena kwiNdebe yoMhlaba okokuqala.
Izolo iSouth African Football Association (Safa) imemezele uxhaso lweminyaka emithathu lwamasudi kanokusho azogqokwa yiBafana Bafana neBanyana.
Uxhaso, oluvela enkampanini yaseTurkey, i-D’S Damat, kuthiwa belungahlelelwe iBanyana ekuqaleni kwezingxoxo. Nokho ukushaya kwayo into ecokeme emqhudelwaneni i-Africa Women’s Cup of Nations, kuyakhele ugazi kubaxhasi, baqoka ukuyifaka.
Abaxhasi kade beswenkisa iKaizer Chiefs eminyakeni edlule isaqeqeshwa nguMuhsin Ertugral waseTurkey. Uxhaso lufike kuvele kunesikhalo ngokuthi iBanyana ayixhasekile ngendlela uma kuqhathaniswa neBafana. Amabhonasi atholwayo ashiyana kude kakhulu.
Isikhulu se-D’S Damat, uFerhat Saridogan, sithe udumo lwakamuva lweBanyana yilona olwenze bayicabangele.
“Kade saqala ukukhuluma neSafa mayelana nokugqokisa iqembu lesizwe. Sigcine sivumelene ngokuthi bagqoke izimpahla ezisezingeni eliphezulu. Sifuna baswenke baconse. Ngithe ngisesikhumulweni sezindiza kungekudalaa, ngabona ukuthakaselwa kweBanyana, nganquma ukuthi nayo siyifake kulolu xhaso.
“Leli yithuba lethu lesibili eNingizimu Afrika. Eminyakeni edlule kade sixhase iChiefs, besisebancane. Isizathu sokuxhasa iChiefs sasicacile. Yingoba yayiqeqeshwa ngumqeqeshi waseTurkey. Manje sinqume ukugqokisa isizwe sonke ngokuqoka ukuxhasa amaqembu esizwe,” kusho uSaridogan.
Umengameli weSafa, uDanny Jordan, ulwamukele ngezandla ezifudumele uxhaso wathi ubudlelwano phakathi kweNingizimu Afrika neTurkey budala.
“Ngesikhathi sifuna ukusingatha iNdebe yoMhlaba yaseseka iTurkey. Ngesikhathi silungiselela ukudlala iNdebe yoMhlaba ka-2002 sadlala neTurkey. Ngaphezu kwalokho baningi abadlali bethu abadlale khona. UShoes Moshoeu wayeyinsika yeFernebache okuyiqembu elikhulu. Kufanele ube sezingeni eliphezulu ukuze udlalele leli qembu. Lolu xhaso lufika ngesikhathi lapho amaqembu ethu esizwe enza kahle. Siyalujabulela kakhulu,” kusho uJordan.