ZIZALELWE yinja endlini izimbangi zeMamelodi Sundowns Ladies, kwiHollywoodbets Super League ngoba iqembu lizimisele ngokukhuphula izinga lokushaya amagoli.
Lokhu kuhlaluke engxoxweni ekhethekile nenjini yeMamelodi Sundowns, uNonhlanhla “Gadaffi” Mthandi, eveze ukuthi basazolinyusa kakhulu izinga lokushaya amagoli ngale sizini.
ISundowns, esisinqobe amahlandla elandelana isicoco seligi, isikhombisile ukuthi ifuna ukusivikela ngokwephula amarekhodi ngesizini ka-2022.
Lokhu kufakazelwa wukubasela kwayo amagoli angu-26 emidlalweni emine yokuqala kwesizini.
UMthandi uthi abasenhlanhleni ngasebedlulile kubo ngoba abakazukwehlisa ekushayeni amagoli kuze kube baphula irekhodi lawu-24 elaqoshwa ngobhuti babo bebhusa iPowerlines kwiNedbank Cup.
“Yebo iligi sesiyonqobe izikhawu eziningana kulandelana kodwa sekungumlando lokho. Siphezu kwesizini entsha ngakho sizoqopha amarekhodi amasha.
“Basenkingeni esisazodlala nabo. Kungcono asebedlulile. Basenkingeni ngoba sisazowashaya kakhulu amagoli. Ngeke sixegise singakalephuli irekhodi leSundowns lamagoli angu-24 emdlalweni owodwa,” kusho uMthandi.
“Sisebenza nenkinga yomqeqeshi (uJerry Tshabalala) umuntu ofakanayo ejimini. Ngasemagolini-ke khohlwa uma uthi ngokushaya amathathu noma amane usuzolibala wukujika! Ukutshela kahle ukuthi ”inethi ayigcwali, aweze amagoli“. Kusayiwa kude.”
ISundowns iyalingana ngamaphuzu neJWV kaJanine van Wyk ongukaputeni weBanyana Banyana kodwa umehluko yisibalo esiphezulu samagoli kwezikaMthandi.
IJVW yiyo okubukeka izoba yizimbangi eziqinile zeSundowns kule sizini kwazise isibasele amagoli angu-18 emidlalweni emine.
UMthandi uthe ufisa izimbangi zabo ziyeke ukunyusa izinga lomdlalo wazo kuphela uma zibhekene nabo kodwa zikwenze lokho ngisho zibhekene zodwa ukuze lizonyuka izinga lebhola elidlalwa kule ligi.
“Abantu siyazi ukuthi babuye basibuke njengeqembu elinakho konke ngoba njenge’zingane zikaMotsepe (injinga enguPatrice)’, iqiniso kodwa wukuthi sikuleli zinga ngenxa yokuba yilona qembu elizikhandla cishe ukuwedlula wonke eligini. Yiyo imfihlo yethu leyo, ukusebenza ngokuzikhandla ngaso sonke isikhathi,” kusho uMthandi.
Namuhla iSundowns itholana ne-UWC eKapa ngo-3pm.
Isiyonke imidlalo:
Ngo-1pm - City Lads v JVW FC; DL Ladies v First Touch.
Ngo-3pm - Bloem Celtic v Tsunami Queens; TUT v Thunderbirds Ladies; UJ v Richmond; Vasco da Gama v Ma-Indies Ladies; Coal City Wizards v Golden Ladies.