ZIYAQALA kusasa izinyembezi kwi-Euro 2020 njengoba lo mqhudelwano usungena esigabeni somkhumulajezi, i-last 16 lapho iphutha elincane osekuyilona kanye elikufaka endizeni ebheke ekhaya.
Alikho izwe elingekho ethubeni lokudla lo mqhudelwano odlalelwa emazweni angu-11 ahlukene okuyindlela ye-Uefa egubha ngayo iminyaka engu-60 yasungulwa.
Imidlalo yamaqoqo isongiwe ngoLwesithathu lapho kungazange kwethuse khona ngokwamazwe adlulele phambili.
ITurkey iyona kuphela ephoxile lapha ixetshulwa kuyo yomithathu imidlalo yamaqoqo ekubeni ingelinye lamazwe abethwelwe ngeqoma ukuthi azoba yingozi kwi-Euro 2020.
Bekudlulela kwi-last 16 amazwe amabili aqede eyamaqoqo esesicongweni bese kuthi kulawa aqede esendaweni yesithathu (emaqoqweni awo) kuthathwe amane abengcono.
Le midlalo iyohlale ikhunjulwa ngokuhlangana kwabathandi bebhola umhlaba wonke bekhulekeka isilomo seDenmark, uChristian Eriksen owe owaquleka enkundleni emdlalweni wabo wokuqala wamaqoqo.
Nomjaho kaCristiano Ronaldo wokuba umshayi-magoli ohamba yedwa emidlalweni yamazwe esinye sezinongo eziyohlale zikhunjulwa ngale midlalo. Usesele ngegoli elilodwa ukuthi ahambe yedwa njengoba eselificile irekhodi lamagoli angu-109 lika-Ali Daei wase-Iran. Ushaye amaphenathi amabili bebambana ngo 2-2 neFrance emdlalweni wokugcina wamaqoqo.
Imidlalo ye-last 16 ye-Euro 2020 i:
Kusasa: Wales v Denmark (Amsterdam, Netherlands, 6pm); Italy v Austria (London, England, 9pm).
NgeSonto: Netherlands v Czech Republic (Budapest, Hungary, 6pm); Belgium v Portugal (Seville, Spain, 9pm).
NgoMsombuluko: Croatia v Spain (Copenhagen, Denmark, 6pm); France v Switzerland (Buchurest, Romania, 9pm).
NgoLwesibili: England v Germany (London, England, 6pm); Sweden v Ukraine (Glasgow, Scotland, 9pm).