USIHLALO wePremier Soccer League (PSL), u-Irvin “The Iron Duke” Khoza, ugxibhe ababegxeka ukusungulwa kweMultiChoice Diski Challenge (MDC), athe izithelo zayo seziyabonakala yize kukhona “abathile” ababengayizwa kahle iqala.
UKhoza ubekhuluma kuthulwa kabusha umqhudelwano ezindlini zePSL, eGoli. Umqhudelwano uzoqala ngempelasonto (Disemba 5), usongwe ngoJulayi 4. Yize kungekuningi okushintshile ngawo, kugqamile nokho ukuthi usunegama elisha njengoba usuzokwaziwa ngeDStv Diski Challenge.
Ngokusho kukaKhoza, baningi asebekwazi ukuxosha ikati eziko ngenxa yomqhudelwano osungulwe ngoSepthemba 13 ngo-2014.
“Babebaningi ababeshaya amakhala ngo-2014 siqala umqhudelwano kodwa namhlanje siyazibona izithelo. Wonke amaqembu ayibamba kwiDStv Premiership anabadlali manje abasuka kwiMDC. Angisayiphathi eyokuvula amathuba omsebenzi entsheni, umqhudelwano ugile izimanga. Njengamanje sinabasakazi, abathwebuli nonjiniyela abasuka kulolu hlelo. Sifisa ukubonga kakhulu kubaxhasi uMultiChoice ngokuzwelana, nokubambisana nathi kulolu hambo oseluthathe iminyaka eyisithupha. Siyethemba ukuthi ubudlelwano bethu busazoqhubeka iminyaka eminingi,” kusho uKhoza.
Phakathi kwabadlali asebegqamile abaphuma kwi-MDC singabala uPercy Tau, Nkosingiphile Ngcobo, Given Thibedi, Tsegofatso Mabasa noMenzi Masuku.
Abazonqoba umqhudelwano basazothola uhambo lwaphesheya. Ngokusho kukaKhoza lolu hambo luzoncika ekutheni isimo seCorona sinjani ezweni abazolihambela.
Isikhulu esiphezulu kwaMultiChoice South Africa, uNyiko Shiburi, uhambe emazwini kaKhoza, encoma umsebenzi omuhle abawenzele isizwe ngokunika ithuba intsha, ebiduve emakhaya.
“Siqashe abasebenzi abangaphezu kuka-50 ngenxa yalolu hlelo. Abanye sebethathwa njengezinkunzi emisebenzini yabo ngenxa yokuthola ukucijwa okusezingeni eliphezulu. Sibheke ekuqhubekeni nomsebenzi omuhle nangomuso,” kusho uShiburi.
Umqhudelwano uzoqala ngemidlalo ngempelasonto eGiant Stadium, eSoshanguve. Umdlalo ozovula uzoba phakathi kweChippa United neBlack Leopards ngoMgqibelo ngo-11. Imidlalo izosongwa ngeSonto, lapho kuzovala khona izimbangi ezinkulu iKaizer Chiefs neMamelodi Sundowns ngo-1 emini.