SEKUNGABA umlingo ongavimba ukuthi kuvunyelwane ngakho konke phakathi kwe-Orlando Pirates nenkakha yayo engukaputeni uHappy Jele ophelelwa yinkontileka naleli qembu uma kusongwa uJuni.
Inkontileka yonyaka uJele anayo nePirates, iyaphela ngoJuni 30.
UJele usebalwa nezinkakha kweZimnyama kwazise usanda kuphula irekhodi lowayengunozinti wazo, uWilliam Okpara lokudlala kweminingi imidlalo kunabo bonke (375) emlandweni waleli qembu
Ezinyangeni ezedlule, bekungacaci ngekusasa likaJele kwiPirates njengoba ijezi belimeqa ekhona ngaphansi kukaJosef Zinnbauer.
Kubukeke sengathi kuyaqinisekiswa lokhu ngesikhathi kulandwa uThulani Hlatshwayo, ofike wanikwa ibhande lobukaputeni.
Nokho ngokwenkulumo yakamuva kaJazzman Mahlakgane neSolezwe, oyimenenja kaJele, asikho isidingo sokuzikhathaza ngekusasa lalo mdlali.
“Okusele ukuthi iqembu (iPirates) liqede konke lokhu okumele kuqedwe kwazise nesizini isivalile kodwa asikho isidingo sokutatazela ngoba kuheleza umoya wokuvumelena ezingxoxweni,” kusho le menenja.
Lo mdlali waseMiddelburg, oneminyaka engu-34 ubudala, uzonikwa inkontileka yomunye unyaka ngokusho kwabazazi zonke.
UMahlakgane uthe, akulindwe iPirates kodwa konke kubukeka kumhlophe.
“Kuzokwaziwa maduze okuzokwenzeka ngoba izingxoxo sezihambe zaze zafika ezingeni lokuphothulwa. Asikho isidingo sokuxhamazela ngoba uJele uwukaputeni weqembu ngakho-ke angingabazi ukuthi kuzoqedwa konke maduze,” kuqhuba uMahlakgane.
Alikho elinye iqembu aseke ladlalelwa uJele esigabeni esikhulu ngaphandle kweBucs afike kuyona esewumfana ngo-2006.
Akuyena yedwa uJele ophelelwa inkontileka kubadlali abagqamile kwiPirates.
UBen Motshwari ukhona kulolu hla kanjalo noLinda Mntambo, Jean-Marc Makusu waseDemocratic Republic of Congo (DRC), Wayne Sandilands nozakwabo ezintini uSiyabonga Mpontshane. Uyabalwa kulaba badlali no-Austin Muwowo waseZambia, isihlabani uThembinkosi Lorch naso sikhona kanjalo no-Abel Mabaso. UMahlakgane usanda kusho kuleli phephandaba ukuthi uLorch akayindawo, naye uzokwelula inkontileka neZimnyama.