OWAYENGUMQEQESHI kaKobamelo Kodisang, uCavin Johnson, uthi lo mdlali kufanele acabangisise ngaphambi kokuthatha isinqumo ngekusasa lakhe.
UKodisang (22) usemabhukwini eqembu lasePortugal, iSC Braga, esanda kusebenzisa igunya layo lokuvuselela inkontileka yakhe ngeminyaka emibili.
Nokho ophethe izindaba akhe, uMike Makaab, usedalule ukuthi kungenzeka abuyele kuleli njengoba iKaizer Chiefs imfuna phansi phezulu.
UJohnson uyena owavumbulula uKodisang wamfaka kwinkulisa yePlatinum Stars, wamnika ithuba lokudlalela iqembu elikhulu eneminyaka engu-15 ngo-Agasti 2015.
Ngo-2017 wathathwa yiBidvest Wits, yambolekisa kwiSanjoanese yasePortugal ngo-2018, ngaphambi kokuthi asayinwe yiBraga ngo-2019.
Amasizini ambalwa edlule uwachithe neqembu leBraga elincane kodwa ngo-Ephreli nonyaka udlale umdlalo wakhe wokuqala kwelikhulu ngesikhathi libambana ngo 0-0 ne-Estoril.
"Ukudlala phesheya yinto enhle futhi emfanele uKobamelo njengomunye wabadlali abasezingeni eliphezulu. Uneminyaka engu-22 futhi usekhombisile ukuthi uyakwazi ukubamba nokushintsha umdlalo,” kusho uJohnson.
“UsePortugal eneligi esezingeni elihle, ikakhulukazi kumdlali olingana naye. Ukhombise ukubekezela edlala esigabeni esiphansi ngakho kwajabulisa ukumbona ethola ithuba lokudlala eqenjini lokuqala, lokho kusho ukuthi ungumdlali abamnakile.
“Kungenzeka ukuthi akhethe ukuqhubeka nokulwela indawo kwiBraga noma abolekiswe kwelinye iqembu khona ePortugal, yisinqumo okufanele asithathe leso.
"UKobamelo ngamthola eneminyaka engu-10 futhi ngiyabalandela laba badlali ukuze ngibone ukuthi umsebenzi wabo uhamba kanjani. Uma ebona ukuthi ukubuyela kuleli azodlala kwiligi yethu kungaba yisinyathelo esingcono kuyena njengamanje, leso futhi yisinqumo okumele asithathe.
"Useqalile ukuzakhela igama futhi ngiyazi ukuthi ungumuntu onomqondo okhaliphile. Ngikholwa wukuthi uma ethola izeluleko eziqondile uzokwazi ukuthatha isinqumo esiphusile.
"Ekugcineni okumqoka ukuthi aqhubeke nokusebenza ngokuzikhandla ngoba yilokho okuzombeka lapho efisa ukufinyelela khona. Ngikholwa ukuthi ungomunye wabadlali abangenza umehluko eqenjini lesizwe, iBafana Bafana, futhi badlale isikhathi eside kulona.”
U-Kodisang wayeseqenjini elalimele iNingizimu Afrika kuma-Olympic e-Tokyo ngo-2021, washaya igoli behlulwa yiFrance ngo 4-3 emdlalweni wesibili.
Umqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos, wamfaka ngesikhathi ememezela iqembu elalizobhekana neZimbabwe neGhana kweyokuhlungela iNdebe yoMhlaba ngo-Agasti nyakenye kodwa akazange angene esikwatini sokugcina sabadlali abangu-21.