USIHLALO waMaZulu, uSandile Zungu, ufuna ukukuqeda ukukhonya kweMamelodi Sundowns ebukeka ingasenantanga ebholeni laseNingizimu Afrika.
UZungu useqede unyaka ethenge Usuthu emndenini wakwaSokhela. Ngesizini yakhe yokuqala, leli qembu libuyise injabulo yeminyaka edlule kubalandeli liqeda endaweni yesibili kwi-log yeDStv Premiership ngemuva komphetha iSundowns.
Ngaphandle kokuthi uZungu ufuna kube yibona abahlala esicongweni seligi ekupheleni kwesizini, unesifiso sokuqeda ukucanasa kweSundowns esiwine iligi yePremiership amasizini amane elandelana.
Kule sizini ka-2021/2022, amaBrazilians awakehlulwa futhi awakangenelwa yigoli kweyeligi. Anethezekile esicongweni sePremiership ngamaphuzu awu-16.
"Siyayihalalisela iSundowns, yenza konke ngendlela enhle. Kufanele sibancome ukuthi abenzi kahle lapha kwiDStv Premiership kuphela kodwa noma beyomela izwe emazweni angaphandle benza into eyisimangaliso.
“Baliphakamisela phezulu ifulegi laseNingizimu Afrika. Siyabahalalisela kulokho futhi siyakuthanda lokho. Uma benethuba lokukhonya kwiligi, abaqhubeke kulungile kodwa bayazi ukuthi kukhona okusina kubajeqeza," kusho uZungu.
"Izinhloso zethu zilula nje wukuthi siyisuse iSundowns esicongweni ekusona. Ukuthi kuzosithatha iminyaka emingakhi, angazi. Mhlawumbe kuzothatha iminyaka eyisihlanu, mhlawumbe eyishumi kodwa engingakusho wukuthi uma sigubha iminyaka eyikhulu sabakhona ngo-2032, siqeda ishumi leminyaka siliphethe iqembu, Usuthu kufanele ulubale njengeqembu elidle ubhedu eminyakeni eyishumi.
“Sifuna Usuthu Olumabhesh' ankone lukhonye kule ligi njengeSundowns esaqhubeka nokukwenza lokho."
UZungu uyakuqonda ukuthi ukuze ayibuse iPremiership kufanele athole abadlali abaphezulu abathengwa ngezindodla zemali. ISundowns isikhombise kaningi ukuthi ayigodoli nemali uma ifuna umdlali. Lokhu kwenza ihlale iwuwina njalo umbango womdlali nezinkunzi zaseSoweto iKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates phambilini ebezibalwa njengokuyizo eziphethe okhilimu babadlali.
"Sinabadlali abahle lapha eqenjini lethu abasezingeni labeSundowns. Ngakho anginaso isiqiniseko sokuthi ukuqhudelana nayo kufanele ngikhiphe uR15 million ngoKutumela noma ngithi ngifuna u-Erasmus.
“Anginaso isiqiniseko sokuthi iyona indlela esifuna ukwakha ngayo Usuthu. Sizobabanga abadlali neSundowns kodwa sizokwenza lokho ngobuhlakani. Angifuni ukukhuluma sakuyilulaza. Kuyaziwa ukuthi inayo yonke inhlobo yemali. Akusona isono lokho," kusho uZungu.
AmaZulu aseqoqe amaphuzu ayisikhombisa emidlalweni eyisithupha, okuwabeka endaweni yesishiyagalolunye kwi-log.
Azovakashela iTS Galaxy eMbombela Stadium kolandelayo weligi ngo-Okthoba 20.