XOLILE MPISANE
UZOPHINDE ahlolelwe igciwane le-Covid-19 umgadli wakuleli ozinze e-Egypt, uPercy Tau.
Lo mdlali ube ngomunye kwabahlanu abatholwe benaleli gciwane ngesikhathi iqembu lakhe, i-Al Ahly, libuya ekhefini ngesonto eledlule.
Abanye abahaqekile nguYasser Ibrahim, Luís Miquissone, Ahmed Nabil, no-Ahmed Abdelkader.
Ngokusho kukadokotela weqembu u-Ahmed Abu Abla kwi-website yalo, imiphumela yokuhlolwa okuzokwenziwa ngoLwesine iyona ezocacisa ukuthi uTau uzokwazi nini ukubuyela ekuzilolongeni neqembu.
Ngeke abe khona emdlalweni wanamuhla we-EPL Cup abazowudlala no-El Gouna kodwa i-Al Ahly ibheke ukumlungiselela imidlalo yeFifa Club World Cup ezoqala ngoFebhuwari 3.
Bayisithupha abadlali beRed Devils abaseqenjini le-Egypt elidlala kwi-Africa Cup of Nations (Afcon), ezosongwa ngoFebhuwari 6.
Uma kwenzeka i-Egypt ifinyelela kowamanqamu kulo mqhudelwano, i-Al Ahly ngeke ibe nabo labo badlali emdlalweni wokuqala weFifa Club World Cup lapho izobhekana khona neMonterrey yaseMexico ngomhla ka-5 kuFebhuwari.
Lokhu kusho ukuthi uTau uzobe engomunye wabadlali okuzobe kubhekwe ukuthi athwale iqembu likaPitso Mosimane kwazise usefomini enhle selokhu afika kulona ngo-Agasti nyakenye.
Waqale wangakwazi ukudlala ngenxa yokulimala ngesikhathi efika e-Egypt kodwa selokhu alulama useshaye amagoli amahlanu emidlalweni eyisikhombisa yeligi kumaRed Devils.