YIZE ikhona imbobo encane yenaliti yokuthi i-Orlando Pirates inqobe isicoco se-Absa Premiership kule sizini kodwa umqeqeshi weZimnyama, uJosef Zinnbauer, uselilahlile ithemba ngalesi sicoco. Ngokusho kwakhe mabili amaqembu asembangweni wesicoco, iKaizer Chiefs neMamelodi Sundowns.
UZinnbauer uthe okubalulekile kwezakhe emidlalweni esele ukuthi alungiselele isizini entsha ka-2020/2021.
Ubekhuluma nezintatheli izolo, ngaphambi komdlalo phakathi wezakhe neSundowns ozoba seDobsonville Stadium ngo-6 ntambama.
“Angiboni ukuthi singasinqoba isicoco seligi. Sisele ngenqwaba yamaphuzu kwiChiefs kanjalo nakwiSundowns. Okubalulekile kithina ukulungiselela isizini ezayo ngoba sifuna ukubalwa namaqembu afuna isicoco. Kungokokuqala ngiqeqesha ezwenikazi i-Afrika, ngakho kuningi engisakujwayela. Nokho sengibonile ukuthi lapha eNingizimu Afrika izinga liphezulu, ongaboni ukuthi iChiefs neSundowns benza kahle kule sizini ngabe unephutha,” kusho uZinnbauer.
Ziya kulo mdlalo, iSundowns ifuna ukufaka ingcindezi kwiChiefs ezodlala kusasa neBidvest Wits, ngokuthi inqobe bese isala ngephuzu kuphela kuMakhosi. IChiefs iqhwakele ngamaphuzu awu-48, ilandelwe iSundowns. IPirates isendaweni yesine ngamaphuzu awu-40.
Ngempelasonto iSundowns yehlule iWits ngo 3-2 kowandulela amanqamu kwiNedbank Cup. IPirates ibingadlali, uthi uZinnbauer ukudlala kwamaBrazilians ngempelasonto kungahumusheka ngezindlela eziningi.
“Kungabukeka ngokuthi basesimeni esingcono ngoba sebedlalile bazijwayeza impilo entsha. Kubalulekile ukuthi sikuqaphele ukuthi kunabadlali abangawuqalanga umdlalo, abanye abasheshe bakhishwa bedlala neWits. UPitso ubekwenza ngamabomu lokhu ngoba ukhaliphile, ubazi ukuthi abadlali abafana noJali (Andile) uzobasebenzisa uma esedlala nathi. Ngakolunye uhlangothi ukungadlali kwethu kusho ukuthi sithole isikhathi esanele sokulungiselela umdlalo” kusho uZinnbauer.
Imidlalo yokuleli sonto ye-Absa Premiership:
Namuhla: Sundowns v irates (6pm, Dobsonville Stadium).
Kusasa: Kaizer Chiefs v Bidvest Wits (6pm, Orlando Stadium).