AKAPHUMELI obala ngekusasa lakhe kwi-Orlando Pirates umqeqeshi uJosef Zinnbauer, okuphele isizini esenyamanambana kubalandeli beqembu.
IPirates itabalase kwaze kwalunga ithola indawo yesithathu kwi-log yeDStv Premiership, kulandela ukuvunywa kwayo umphumela wokudlala ngokubambana ngo 0-0, neLamontville Golden Arrows neStellenbosch FC kweyokugcina yesizini ngoMgqibelo.
EzikaZinnbauer zidlale ngenqwaba yamathuba zabambana ngo 0-0 neTshakhuma Tsha Madzivhandila (TTM) kowazo wokusonga isizini.
Lo mphumela uqinisekise ukuthi iPirates neTTM (engompetha beNedbank Cup) yibona abazomela iPremier Soccer League (PSL) kwiCaf Confederation Cup ngesizini ezayo.
Yize ukulala isithathu kungelona ihlazo ngisho eqenjini elithathwa njengelikhulu njengePirates, akulula ukuziba ukungenami kwabalandeli baleli qembu ngomqeqeshi.
IPirates ilinyalelwe abadlali baphambili abaningi ngendlela engajwayelekile kule sizini ephelayo kodwa bekulokhu kunemvunge ngoZinnbauer nendlela enza ngayo izinto kwiBucs.
Yize kungekho okucacile abakhala ngakho abalandeli kodwa abamboni enamava okuhola iqembu elikhulu njengeBucs. Akazange aphumele obala umqeqeshi ngesikhathi ebuzwa ngemuva komdlalo weTTM ukuthi unesiqiniseko ukuthi ukhona ezinhlelweni zePirates zangesizini entsha?
“Okusemqoka kakhulu manje ukuthi sizinuke amakhwapha sonke (abaphathi, abaqeqeshi nabadlali) sibhekisise ukuthi ngabe siphumelele yini ukufika kwebesizibophezele kukona. Uma sesenze lokho izinqumo eziningi ziyothatheka kalula,” kusho umqeqeshi.
UZinnbauer wasayina ngo-2019 inkontileka yeminyaka emithathu kwiPirates. Uvumile lo mqeqeshi odabuka eGermany, ukuthi ukuqeda endaweni yesithathu akwanele eqenjini elifana nePirates kodwa wazithethelela ngokuthi bekunebhadi elingajwayelekile lokulinyalelwa abagadli. Ngaphandle kokuthola indawo yesithathu, iPiratesi inqobe indebe yeMTN 8 kule sizini.
“Wake wakuzwaphi ukuthi umgadli aphuke kathathu ngesizini eyodwa njengoba kwenzekile kuTshegofatso (Mabasa)? Angazi zingaki izinyanga ezihlalwe uThembinkosi (Lorch) engadlali. Usanda kubuya manje uTerrence (Dzvukamanja) ekubeni uZakhele (Lepasa) ulokhu ahlala lokho ngenxa yakho ukulimala.
“Esingakukhulekela ukuthi ngesizini ezayo zingabibikho izinkinga ezifana nalezi. Sonke asineme ngokugcwele ukuthi sigcine siphelele endaweni yesithathu ngoba sikholelwa ekutheni singenza kangcono kodwa siyaqonda ukuthi isimo besinzima kuwona wonke umuntu, neCovid-19 ingazibekile phansi,” kusho uZinnbauer.