UMQEQESHI we-Orlando Pirates uJosef Zinnbauer, ubona ezakhe zisethubeni elihle lokuthola indawo yesithathu kwi-Absa Premiership, nokungasho ukudlala kwiCAF Confederations Cup ngesizini ezayo.
NgoLwesithathu eZimnyama zishaye iMaritzburg United ngo 1-0, wegoli likaGabadinho Mhango alishaye ngesikhathi esengeziwe ngunompempe.
Lo mphumela ukhuphulele iBucs endaweni yesine kwi-log ngamaphuzu angu-49 emidlalweni engu-29. Yize kungakacaci ngozonqoba isicoco se-Absa Premiership, sekucacile ukuthi kadeni iKaizer Chiefs neMamelodi Sundowns, yibona abazodlala kwiCAF Champions League ngesizini ezayo.
Lokhu kwenza umbango wendawo yesithathu ushube kakhulu phakathi kweSuperSport United esendaweni yesithathu kwi-log ngamaphuzu angu-50 emidlalweni efanayo, iBidvest Wits esendaweni yesihlanu ngamaphuzu afana nawePirates.
Imidlalo yokugcina namuhla izocacisa ukuthi ngabe yiliphi iqembu elizothatha indawo yesithathu. IPirates izodlala neStellenbosch FC, iWits izobhekana nePolokwane City elengelwa yizembe kuthi iSuperSport idlale neCape Town City.
UZinnbauer uthe kubalulekile ukuthi baqede ngenothi eliphezulu imidlalo yabo yeligi, wathi nethuba lokudlala e-Afrika lisekhona.
"Sesinqobe imidlalo emibili kulandelana. Uma singanqoba umdlalo wethu olandelayo, kungasho ukuthi amaphuzu ayisishiyagalolunye siwatholile emidlalweni emithathu. Kodwa ngaphandle kwalokho nethuba lokudlala e-Afrika lisekhona impela. Akumele nakancane sidikibale, kusengenzeka," kusho uZinnbauer.
USiphelele "Mbesuma" Ndlovu ubelizwa ngendaba ijezi kwiPirates selokhu ayijoyina esuka kwiMaritzburg ngesizini edlule. Empeleni ngoJanuwari ngesikhathi kuvuleke iwindi lokudayisa kwabadlali kuvele ukuthi uNdlovu usefisa ngisho nokubolekiswa ngenxa yokukhuhla ibhentshi. UNdlovu ushaye into ecokeme ethola ithuba lokuqala umdlalo kwiPirates, nokufakazelwe ukuthi ahlabane ngomklomelo womdlali ovelele.
"UNdlovu ushaye into ecokeme kakhulu kulo mdlalo. Impela bekumfanele ukuba abe ngumdlali ovelele. Ubesihlanganisela yonke into esiswini, esimakela ekhombisa ukuvuthwa okuphindaphindiwe," kuncoma uZinnbauer.