Zakhele Xaba
ISITOBHA saMaZulu FC, uTshepo Masilela, sesiqoke ukuyibeka eceleni eyokucabanga ngekusasa laso kuleli qembu kodwa sisebenzele ukulisindisa ezembeni ekupheleni kwesizini ka-2019/2020.
UMasilela uwine izicoco ezimbili zeligi kwiKaizer Chiefs, ujoyine Usuthu isiphakathi isizini wasayina inkontileka yonyaka enombandela wokuyivuselela ngomunye. Kuze kube manje abaphathi beqembu abakayikhulumi eyokusebenzisa lo mbandela phezu kokuba sebezivuselele izinkontileka zabanye abadlali. AmaZulu asendaweni ka-15 kwi-log ye-Absa Premiership. Asengcupheni yokukwehlela kwiGladAfrica Championship.
“Akukho okusakhulunyiwe mayelana nenkontileka entsha. Abaphathi abakangibizeli ngisho ehhovisi ukuzoqala izingxoxo. Ngijabule lapha kuMaZulu, ngiphatheke kahle. Banginike ithuba lokubuyela enkundleni. Kodwa okwamanje angifuni ukuzihlupha ngokuzokwenzeka uma kuphela isizini ngoba nginomsebenzi wokusiza iqembu lingagawulwa yizembe ekupheleni kwesizini. Sizobona uma sekuphele imidlalo ukuthi kwenzekani. Ngingathanda ukuqhubeka nokudlala lapha kodwa konke kusezandleni zabaphathi,” kusho uMasilela.
USuthu luzobuyela enkundleni ngoMgqibelo lapho selutholana phezulu neBaroka esenkingeni yezembe njengalo. Umdlalo uzoba seLucas Moripe Stadium, e-Atteridgeville, ePitoli, ngo-1.30 emini. AmaZulu angene emgonqweni ngoMsombuluko emuva kokuhlolela iCovid-19. Babili kuphela okutholakale ukuthi banayo. AmaZulu ayoze abuyele KwaZulu-Natal uma sekuphele isizini.
“Sizifake thina kule nkinga esikuyona. Kufanele silwele ukuzikhipha. Okudingeka sikwenze wukulwela ukucosha amaphuzu zisuka nje ukuze singazitholi sesixhamazela emidlalweni yokugcina, sekuphoqa ukuthi siwine noma yikanjani ngenxa yengcindezi. Besingakuthokozela ukulwa le mpi phambi kwabalandeli bethu kodwa akukho manje esingakwenza. Okubalulekile ukusindisa iqembu ezembeni,” kusho uMasilela.
“Selokhu siqalile ukuziqeqesha, bonke abadlali banomdlandla futhi bayawuqonda umsebenzi esibhekene nawo. Umoya muhle kakhulu eqenjini. Kufana nokuthi sizodlala imidlalo yamanqamu eyisithupha. IBaroka izolwa ngoba nayo isenkingeni kodwa kufanele sizishayele amaqembu esisembangweni wokubalekela izembe nawo.”