UKUZIBONA ephenduka isibukeli kwiTS Galaxy kulandela ukuqashwa kwabaqeqeshi ababili baphesheya kwezilwandle kunenge uShaun Bartlett wazicelela ukukhululwa kwinkontileka abenayo namaRockets.
Lokhu Isolezwe likuzwe ngoLwesibili ngomthombo walo osondelene nalo mqeqeshi obebanjiswe izintambo kusukela leli qembu lihlukanise no-Owen Da Gama obengumqeqeshi.
Ngemuva kokuhlukanisa neGalaxy, uDa Gama utshele leli phephandaba ukuthi imbangela yokugqabuka kwefindo ukuthi yena nosihlalo, uTim Sukazi, bahluke kakhulu uma sekuyiwa ngasezindleleni ezisetshenziswayo uma kuqiniswa iqembu ngabadlali.
Lo mqeqeshi uthe yena ukholelwa ekuzithengeleni kanti uSukazi naye uyazithengela bese enika umqeqeshi.
Akuzange kuphele isikhathi esingakanani leli qembu laseMpumalanga lamemezela ukuthi selilande uSead Ramovic waseGermany. Kube sekulandela ukumemezela uMensur Dogan njengephini lakhe nosomaqhinga weqembu.
Ngokusho komthombo, lokhu akuzange kumhlale kahle uBartlett obeyiphini likaDa Gama. Ubebona umfanele umsebenzi wokuba yinhloko.
“Ukuhamba kukaDa Gama ukubone njengethuba lokuzimela njengenhloko uBartlett okuthe uma kungenzeki, wabona kungcono ukuthi akhululwe,” kusho umthombo.
Uqhube wathi: “Eqinisweni uphoxekile uTim ngoba ubezimisele ngokuthi uBartlett ancele kulaba baqeqeshi baphesheya ukuze naye ngelinye ilanga abe neziqu ezifanele, namaqhinga azomenza ukuthi kube nguyena inhloko kwiGalaxy.”
Kuthintwa uMinenhle Mkhize, okhulumela iGalaxy, uthe nakuba engeke ande ngezizathu kodwa kuliqiniso ukuthi uBartlett noSimone Conley, obebheka imizimba yabadlali (physical trainer), basulile kuleli qembu ngempelasonto.
“Kuliqiniso ukuthi uBartlett noConley abaseyona ingxenye yeqembu kulandela ukusula kwabo emsebenzini muva nje.
“Ngeke ngande ngezizathu zabo zokusula ngenhloso yokuhlonipha izivumelwano phakathi kwabo nabaqashi babo,” kusho uMkhize.
UBartlett uqale engaluphenduli ucingo lwakhe, lwagcina lungasakhali nhlobo ngesikhathi Isolezwe lizama ukumthinta.