UKUKLONYELISWA ngendondo yesibili yokuba ngunompempe ovelele kwisizini ka-2020/21, kukaThando Ndzandzeka, kwenze wakuthatha njengesibusiso ukudilizwa kwakhe eGoldfield Mining, eminyakeni emithathu edlule.
Ngeledlule lo nompempe odabuka eDutywa, e-Eastern Cape kodwa owakhulela eBekkersdal, eWest Rand eGauteng, ngeledlule ube ngomunye wabaklonyiswe yiPremier Soccer League (PSL) emcimbini obuseGoli. Bekuqedelwa ukukhishwa kwemiklomelo yePSL yangesizini edlule.
Abanye abaklonyelisiwe nguShaun Olive, obashaye bonke kwesokuba wumsizi kanompempe ovelele. U-Olive udlule emhlabeni ngoMeyi ngemuva kokuba sengozini yemoto.
UNdzandzeka oganwe nguNomathamsanqa, utshele Isolezwe ukuthi ngesikhathi exoshwa eGoldfield Mining ngo-2018, wazitshela ukuthi sekuphelile ngempilo yakhe. Uthe ukuklonyiswa kwakhe kumenze wabona ukuthi ubizelwe emsebenzini wokuba ngunondweba. Nangesizini ka-2015/16 wahlabana ngomklomelo ofanayo.
“KwaGoldfield kwaba nezinguquko sagcina sesingaphandle kwesango. Okubi-ke, kwagcina kukhona negama lami. Ngiphatheke kahle njengamanje ngoba nakhu kuqhamuka izithelo (ngokuba unompempe). Ngangizitshela ukuthi kuphelile ngempilo yami kodwa njengamanje nakhu kuqhamuka okuhle.”
Ngokwesithathu kuqokwa igama lakhe konompempe abenza kahle. "Ngesikhathi ngiqala ukuba unondweba ngo-2002 ngaphansi kweLocal Football Association (LFA) yaseWest Rand, ngangingazitsheli ukuthi ngiyofika kuleli zinga esengikulo. Ngibonga kakhulu kwiSafa nakwiPSL ngokuhlonipha amagalelo ethu ebholeni lakuleli. Ngiyathembisa ukuthi ngizoqhubeka nokuzimisela nokusebenza kanzima,“ kusho uNdzandzeka.
Unxuse abathandi bebhola bakuqonde ukuthi nabo bayawenza amaphutha.
“Engikucela kubantu bakithi ukuthi bakuqonde ukuthi nathi singabantu, siyawenza amaphutha. Ayikho into ebuhlungu njengokuthi, uthi uzihambela kwinxanxathela yezitolo ubone isixuku sabantu sikukhomba, sithi nangu lo muntu odlise iqembu lethu,” kubeka uNdzandzeka oneziqu zeSurveying azithola e-Unisa.
Uthe lo mklomelo ufike kahle kuyinyanga yakhe yokuzalwa.
"UMnini wamandla wonke uhlale enza izinto zakhe. Empeleni lesi yisipho sokuzalwa kwami. Ngizalwa ngo-Okhthoba 26. Ngizobe ngihlanganisa iminyaka ewu-42. Ngiyabonga nkosi yami.“
Umdlalo wakhe wokuqala esigabeni esikhulu wawuphakathi kwe-Ajax Cape Town neLamontville Golden Arrows, ngesizini ka-2011/2012.
“Ngangithuke ngendlela eyisimanga. Kodwa ngazitshela ukuthi kuphakathi kokuthi ngiyaqhakaza noma ikusasa lami liyafa. NgoNkulunkulu emkhulu ngadlalisa kahle. Ngemuva kwalokho kwalandela okuhle kodwa. Ngo-2014 ngaba i-Fourth Official kowamanqamu eMTN8. Ngonyaka ofanayo ngathola umklomelo kanondweba ovelele kwiTelkom Knockout. Ngo-2016 ngaphinde ngadlalisa owamanqamu eNedbank Cup,” kusho uNdzandzeka.