Kumuncu eMamelodi njengoba abalandeli beSundowns bafuna izimpendulo kumqeqeshi ngokushiya ngaphandle uMshishi.
Image: X
Umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uMigeul Cardoso, uzakhele amazinyo abushelelezi ngokushiya ngaphandle intandokazi yakuleli emdlalweni othathwa njengobaluleke kakhulu e-Afrika i-CAF Champions League, uThemba 'Mshishi' Zwane,
Kuqapheleke umdlalo usaqhubeka ezinkundleni zokuxhumana ukuthi abathandi bakanobhutshuzwayo ngisho nabangahlangene neSundowns abahambisani nesinqumo salo mqeqeshi sokuqhubeka nokuziba uZwane.
Esithangamini nabezindaba uCardoso ubuziwe ukuthi yini edale ukuthi angamfaki uZwane kule mizuzu angu-180 namanenjana owamanqamu womqhudelwano omkhulu kunayo yonke ebholeni lase-Afrika.
“ISundowns ibusiswe ngenqwaba yabadlali beqophelo eliphezulu okuhlanganisa naye uZwane. Ngiyaqonda ukuthi ufuna ukuyaphi nombuzo wakho kodwa angiboni kuyisikhathi esifanele ukukhuluma ngabadlali ngabodwana,” kusho uCardoso eCairo.
Nakhu ukuphawula kwabathandi bebhola:
Don@DonLemon1031795 UCardoso akazange alethe lutho, akazange awine i-CAF Champions League, kumele ahambe njengabanye ngaphambi kwakhe, iSundowns ifanelwe okungcono, besingayihlula iPyramids, ukube umfakile uThemba Zwane.
Teko Mokaiwa@TMokaiwa Uma uThemba Zwane engafanele ukudlala umdlalo omkhulu kangaka kungani unaye eqenjini elidlalayo esikhundleni somdlali olungele ukushintsha umdlalo?
shepiso- FIFA CWC Participant @Tshepi_11_ Lokhu kushaywa kukuqede nya ukuthakasela iClub World Cup....asisakwazi nokujabula ngoba yey! UCardoso angafaka ngisho umphathi wezikhwama enkundleni kunokufaka uThemba Zwane
Dube Slwan' Esihle@busie_dub UThemba Zwane uyithalente lesizukulwane, futhi ukuthi umqeqeshi amshiye ngaphandle kube yisiqalo senhlekelele. Kumele achazele abalandeli ngalesi sinqumo!