UMQEQESHI waMaZulu FC, u-Arthur “10111” Zwane, usenesikhathi ekhombisa izimpawu zokuwuthanda umsebenzi kaSimo Dladla osanda kukhonjwa indlela kwiDurban City yize eyikhuphulele lapho kunoju khona kwiBetway Premiership.
AmaZulu akuqinisekisile ukuthi aseqashe uDladla ozoba ngelinye lamaphini kaZwane obeyibambe noSiboniso "Nini" Vilakazi emuva kokushenxa kukaVusumuzi "Kanu" Vilakazi maphakathi nesizini ka-2024/2025.
Kusukela uDladla ewinise iDurban City isicoco seMotsepe Foundation Championship, abaphathi bayo bebengafuni ukuphumela obala ngekusasa lakhe. Ngesonto eledlule, bakuqinisekisile ukuthi bayamchitha ngenxa yokungavumelani ngokuthize nalo mqeqeshi osebuya kwiMoroka Swallows.
UZwane wafika kuMaZulu ngo-Okthoba, nyakenye, ezongena esikhundleni sikaPablo Franco Martin. Akuphelanga isikhathi esingakanani, waphoqeleka ukuthi ahlukane noVusumuzi owakhululwa wuSuthu ngesizathu esachazwa njengezinkinga ezibhekene naye ngqo.
Ukuqeda kwaMaZulu kwi-Top 8 kwiBetway Premiership kufanele ukuba kukhuphule nokuzethemba kubaphathi, kwabenza basibona nesidingo sokuqinisa ibhentshi kwazise isikhala sikaVusumuzi besingakaze sivalwe.
Okusobala ngalokhu kuqashwa kungalindelekile kukaDladla wukuthi uZwane uthole okuzomjabulisa uma kuzoya ngokwenkulumo yakhe neSolezwe yangoMeyi.
“Ubudlelwano bokusebenzisana obukhona phakathi kwethu neDurban City buyamangalisa. Lokhu angikusho ngokwabadlali ebesibolekene bona kuphela kepha kuningi okunye esisizana kukona.
“Ubudlelwano obufana nalobu yibona kanye obudingwa amaqembu aKwaZulu-Natal ukuze adlondlobale. Akungethusi ukuthi uSimo (Dladla) ufake iDurban City esigabeni esikhulu.
“Muhle umsebenzi wakhe nethimba lakhe. Ngenhlanhla mina naye sesisondelene kwazise siyidlala njalo eyobungani. Ayikho into emnandi njengokubhekana nomqeqeshi okuxukuza ugebhezi uma ekhona.
“Ngeke ngikufihle ukuthi ukudlala kwethu kaningi neDurban City kusisize kakhulu njengoba sikuleli zinga esikulona, yingakho kungangethusi ukuhlabana kwakhe ngoba ngiyabazi ubunzima bokubhekana namaqhinga akhe.
“Ukuqina kweDurban City kube nomthelela ekutheni senze kahle kule sizini ngoba nezibalo zikhomba ukuthi njalo uma singcweke nayo bekulandela imiphumela emihle," kusho uZwane osekungumlando ukuthi uqede endaweni yesithupha kwi-log yePremiership.
Le nkulumo kaZwane ikucacisa ngokusobala ukuthi kuzomjabulisa ukufika kukaDladla osezomsiza ukubopha amaqhinga okwehlula amanye amaqembu ngesizini ka-2025/2026.