ILEEDS United isibuyele kwi-English Premier League (EPL) ngemuva kweminyaka ewu-16 ingadlali esigabeni esiphezulu.
I-The Whites ibuyele lapho zinoju khona ngemuva kokudla umhlanganiso kwi-English Championship.
NgoLwesine olwedlule iLeeds ishaye iBarnsley ngo 1-0 kodwa ngemuva kwalokho ibisadinga amaphuzu amathathu ukuze iwine iligi. Ngenhlanhla yeLeeds izithole isiba ngompetha beChampionship, ingangenanga enkundleni ngoLwesihlanu, njengoba iWest Brom esendaweni yesibili ishaywe ngo 2-1 yiHuddersfield.
Owayengukaputeni weqembu, uLucas Radebe, ukholwa wukuthi ukuqinisa isikwati kuzobaluleka kakhulu ukuze iThe Whites ihlale esigabeni esiphezulu.
“Lelo yiphupho labalandeli abaningi. Sesibuyele lapho kufanele sibe khona.
"Ngesizini edlule kwasala kancane. Akubanga mnandi ukuthi asikwazanga ukukhuphuka. Lokho kwabagqugquzela kwabenza baba ngcono kule sizini. Kumele siqinise iqembu ukuze sihlale esigabeni esiphezulu,” kusho uRadebe ngesikhathi ekhuluma ne-Independent Media.
URadebe ungomunye wabadlali abaphezulu abake bagqoka imibala yeLeeds, njengpba ahlala kuyona iminyaka ewu-11 eyaba yimpumelelo.
“Ngizizwa ngijabule kakhulu. Ngesese ukuthi ngike ngaba yingxenye yeqembu. Ngangijabule kakhulu ngesikhathi iWest Brom ishaywa ngoLwesihlanu nokwenza ukuthi sinyukele kwi-English Premier League ngemuva kweminyaka eminingi sizama. Amajita eLeeds United angifonela. Kwakungakholeki futhi kumangaza ukuthi ngemuva kwesikhathi esingaka iqembu elikhulu ebelingekho esigabeni esiphezulu selibuyile. Ayikho enye indlela yokuzizwa edlula leyo,” kubeka uRadebe.
ILeeds iwine iligi isasalelwe yimidlalo emibili. Beyisazodlala neDerby County, bese ivala isizini ngokubhekana neCharlton.
“Umgqigqo omuhle okhonjiswe ngabadlali bethu yiwona oqinisekise ukuthi iqembu liyaphumelela. Badlale ibhola elihle kakhulu. Bekumnandi kakhulu ukubuka iLeeds kule sizini. Kufanele ngabe ngibheke e-Elland Road njengoba sikhuluma kodwa ngeke ngikwazi ngenxa yeCovid-19,” kusho uRadebe.
Ngenxa yamagalelo akhe njengokaputeni weqembu, uRadebe kunobhiya oqanjwe ngaye e-Elland Road.
“Nginakho nje emqondweni ukuthi abalandeli beqembu bazizwa kanjani njengamanje. Abakaze balilaxaze iqembu. Abalandeli beLeeds baqhubekile nokweseka iqembu ngokwethembeka.
"Bekunethemba elikhulu lokuthi kule sizini iqembu lizobuya. Ngiyabajabulela kakhulu laba badlali abasebancane abenze saziqhenya ngabo. Ngiyamjabulela umqeqeshi, uMarcelo Bielsa. Wonke umuntu ube nesandla empumelelweni yeqembu.
"Ngendlela uBielsa alithanda ngayo iqembu nokwesekwa akuthola kusihlalo u-Andrea Radrizzani, anginakho ukungabaza ukuthi lizohlala esigaben esiphezulu,” kuphetha uRadebe obezwakala ejabule.