IMENENJA kaDillan Solomons, ongumdlali omusha weKaizer Chiefs, iphosele inselelo isikhulu esiphezulu seRoyal AM, uSinky Mnisi, ngakusho ngalo mdlali.
USolomons, obedlalela iSwallows, wethulwe yiChiefs ngoMsombuluko ebusuku kanye nabanye abadlali abasha abajoyine leli qembu.
Nokho ungakomi noyinki enkontilekeni yeminyaka emine ayisayinile eNaturena, uSolomons uselandelwa yizinkulumo “ezingaholela embangweni” phakathi kweChiefs neRoyal AM.
Umlilo ubaswe nguMnisi ngesikhathi ekhuluma ohlelweni lwezemidlalo emsakazweni ngoLwesibili ebusuku ethi kukhona okusazovela ngalo mdlali.
"Ngicabanga ukuthi kukhona udaba oluzovela ngendaba kaDillon. Hlala ulinde. Imigudu efanele izolandelwa. Akuliwa. Asikho empini yesibhakela," kusho uMnisi kwiMetro FM.
Le nkulumo kaMnisi inyakazise abaphathi bakaSolomons, bakuchitha okuhlanganisa lo mdlali naleli qembu likaShauwn “MaMkhize” Mkhize. Inkulumo kaMnisi itolikwe ngabaningi ngokuthi uSolomons kukhona akusayine naleli qembu elizinze KwaZulu-Natal.
Imenenja kaSolomons, uGrant Niewenhuys, weGN Sports Agency, ithe uMnisi akayeseke ngamaphepha inkulumo yakhe.
"Asikaze sikhulume neRoyal AM. Selokhu uDillan afika kithina eminyakeni eyisikhombisa edlule, asikaze nakanye sithole ucingo oluvela kubona. Umsayinisa kanjani umdlali ungakaze umbone?“ kusho uNiewenhuys.
“Uma uMnisi ethi uDillan ngumdlali wabo, akakhiphe inkontileka esekela lokho esayinwe ngumdlali. Uma kukhona isivumelwano abasenze neSwallows yindaba yabo leyo. UBobby (Motaung, imenenja yeChiefs) ulandele yonke imigudu efanele yokusayinisa umdlali," kusho uNiewenhuys.
Uqhube wathi ngokuyisa uSolomons kwiChiefs bafeze iphupho lakhe lo mdlali afika nalo kubona eminyakeni eyisikhombisa eyedlule. USolomons udlale kwiCape All Stars kwiGladAfrica Championship ngaphambi kokusayina kwiSwallows kwiDStv Premiership.
"Kusukela esemncane uDillan ubezifela ngeChiefs. Ngesikhathi efika kithina wathi asimzise afeze iphupho lokudlala kuyona. Ngakho ngesikhathi isithinta akubanga khona ukungabaza ngoba siyasazi isifiso sakhe. Isithinte kaningi i-Orlando Pirates namanye amaqembu abelokhu ebuza ngoDillan kodwa besazi ukuthi umdlali uzosayina kwiChiefs ngoba yilokho abekufuna. IChiefs yiqembu elikhulu futhi asilandelanga imali. Obekuphambili wukuthi uDillan afeze iphupho lakhe. Njengoba esayine kwiChiefs impilo yakhe isishintshile nomndeni wakhe ujabule. Kubuhlungu ukuthi ngesikhathi ejabule ngokufezeka kwephupho lakhe kuqhamuka izinkulumo ezinjena," kusho uNiewenhuys.
Ecelwa Isolezwe izolo ukuba enabe ngenkulumo yakhe, uMnisi ubhoke ngolaka wathi :"Ngishilo nasemsakazweni ukuthi ngeke ngisaphawula ngalolu daba. Namanje ngisamile kulokho.“
Ube eseveza ukuthi ngoJuni 28 iqembu lizomemezela umqeqeshi omusha. UJohn Maduka, obengumqeqeshi, ushiyile wajoyina iMaritzburg United.