Sithembiso Mkhize
UZISHAYA isifuba umqeqeshi weCape Town City, uJan Olde Riekerink ngabadlali abasayiniswe ngezakhe ngaphambi kokuqala kwesizini ka-2020/21.
Esithangamini sabezindaba sePremier Soccer League (PSL) ebesiyizolo, uRiekerink ofike maphakathi nesizini edlule kumaCitizens, ukusho kwagcwala umlomo ukuthi ngalaba badlali ezakhe zizoba ngelinye lamaqembu azoyishubisa kwiDStv Premirship.
Uqhube wathi okumthokozisayo wukujwayela ngokushesha kwalaba badlali indlela afuna badlale ngayo.
Kwabasha ababalulile uCharles Zulu waseZambia, obedlala kwiZanaco, Aubrey Ngoma obelizwa ngendaba ijezi kwiMamelodi Sundowns noTerrence Mashego obedlala kwiTS Galaxy.
Nakuba isikhathi sibe sincane sokulungiselela isizini entsha kodwa lo mqeqeshi odabuka eNetherlands, uzwakalise ukwenama ngamalungiselelo.
URiekerink uthe uphinde anikwe ithemba yindlela yezinga eliphezulu abasonge ngalo iligi.
“Ngicabanga ukuthi ngalaba badlali esibasayinisile sesikulungele ukuqala kwesizini entsha kanye nobunzima bayo.
"Sibe namalungiselelo amahle, sidlala imidlalo yesihle namaqembu afana neStellensbosch namanye.
"Ngicabanga ukuthi sizokwazi ukuqhubeka nomgqigqo esisonge ngawo kwibio-bubble,” kubeka uRiekerink.
Mayelana nokushiywa uKermrt Erasmus, osejoyine iSundowns, lo mqeqeshi uthe: "Yebo silahlekelwe ngokuhama kwakhe, ube ngumshayi magoli ovelele kwiCape Town City. Nokho kakusasizi ukukhala. Kumele sibheke phambili. Bakhona abadlali abazosivala isikhala sakhe. Kangingabazi ukuthi abanjengoTashreeq Morris, Fagrie Lakay nabanye bazokwenza umsebenzi oncomekayo”.
NgoMgqibelo amaCitizens azotholana phezulu ne-Orlando Pirates emdlalweni we-qaurter final yeMTN 8 ozoqala ngo-6 ntambama e-Orlando Stadium.
“Sinomlando umuhle kwiMTN 8. Ngo-2018 iCape Town City yayiphakamisa le nkomishi. Ngo-2017 sasiphume kuwo owamanqamu. Nakulokhu nginethemba kukhona okuhle okuzolethwa yilaba badlali,” kusho uRiekerink.
Nakuba kweye-bio-bubble amaCitizes edlule ngo-1-0 kwiBucs, uRiekerink uveze ukuthi ngeke ayizele ngobuso, isiyiqembu elisha njengoba nayo isikile abadlali abasha.